Bekugejwa ngezinga eliphezulu koweCitizens neBaroka eKapa

U-Evidence Makgopa weBaroka FC ogeje imbuzi yegoli

SIHLE NDLOVU

Kugqame ukugeja imbuzi yegoli komdlali weBaroka FC ngesikhathi ivakashele iCape Town City emdlalweni weDStv Premiership, eCape Town Stadium, eKapa, ngoMgqibelo.

Yize ubushisa lo mdlalo kodwa ugcine uphele ngo 0-0 kubhoke kona ukungawaboni lapho egxunyekwe ngakhona amapali kuwona womabili amaqembu. Ngaleso sikhathi inkundla yaseKapa ibiyitafula elivumayo njengokwejwayelekile kodwa abadlali bebengakusebenzi konke lokho.

Bebegeja bonke abadlali phambi kwamapali kodwa akukho ukugeja okudlula okuka-Evidence Makgopa, oshumpuze ibhola ebhekene nenethi eyedwa ngomzuzu ka-57. Akungabazeki ukuthi ukube ukhona umklomelo womdlali ogeje kakhulu ngesizini ubuzoya kuyena uMakgopa. Naye lo mdlali usekude kakhulu ukukukhohlwa lokhu kugeja kwakhe, futhi kuzoba nzima ukuthi aphinde abuke lo mdlalo abawudlale ngoMgqibelo.

Beziphuthumana kulo mdlalo kucaca ukuthi alikho iqembu ebelifuna ukuzibeka phansi. Nokho okubuye kwahlaluka ukuthi lokhu kuphuthumana bekwenza ukuthi kube nokutatazela kubadlali uma sebebhekene namapali. ICape Town City ifike kaningi ebhokisini leBaroka ngesiwombe sokuqala kodwa yehluleka ukubeka ibhola enethini.

Nangesiwombe sesibili umdlalo ubushesha kakhulu kodwa bekulokhu kubukeka sengathi ngeke liqhamuke igoli ngendlela obekwenzeka ngayo. Empeleni nje abadlali bekungathi abazi kumele benzeni uma sebefike lapho bengakhahlelela khona ipali.

Ngomzuzu ka-72 uMakgopa ucishe waziqhatha nepali elandela ibhola ebeliyophuma futhi likude naye. Kubukeke sengathi ubezama ukulungisa iphutha alenze ngasekuqaleni ehlulwa yimbuzi yegoli eyedwa zwi. Nokho okuphawulekile ukuthi iBaroka iyona ebisidlala kangcono kuneqembu lasekhaya, izama ukuthola igoli lokuwina.

Ngasekupheleni komdlalo yiCitizens ebihlasela kakhulu ifuna igoli, ikhombisa ukuthi iyona ebidlalela ekhaya, wala waphetha u-Oscarine Masuluke ezintini zeBaroka. Nokho kwenzeke obekulindelekile umdlalo uphela ngo 0-0.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.