Usale engakholwa uTembo i-Arrows yemuka namaphuzu

UKaitano Tembo oqeqesha iSuperSport United

SIHLE NDLOVU

Ukholwa ukuthi bekumele bawuwine umdlalo umqeqeshi weSuperSport United, uKaitano Tembo, iqembu lakhe eliqunjwe phansi yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 koweDStv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngoLwesithathu.

Ngokusho kwalo mqeqembu bakwenze konke enkundleni kodwa kwashoda ukuthi ibhola lingene enethini. Ukushaywa kwaMatsatsantsa a Pitori kwenze aqhubeka nokuhlala endaweni yesithupha kwi-log ngemuva kweSwallows FC.

“Kube umdlalo oncono kakhulu uma kuqhathaniswa nodlule. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle kakhulu, sakha inqwaba yamathuba amahle, sawuphatha nomdlalo. Kodwa asikwazanga ukufaka ibhola enethini,” kusho uTembo.

Emdlalweni odlule iSuperSport ibhaxabulwe kabuhlungu yiCape Town City ngo 3-0 ekuhambeni.

Igoli elidle iSuperSport ngoLwesithathu lingene ngesiwombe sokuqala kanti uTembo ukholwa ukuthi yilowo kuphela umnyakazo ogcine wenziwe Abafana Bes’thende.

“Ngicabanga ukuthi uGeorge (Chigova) ulande ibhola enethini ngesiwombe sokuqala kodwa ngemuva kwalokho akukho abesekwenza. Lokhu kukhombisa ukuthi besiwuphethe umdlalo kodwa uma ungawasebenzi amathuba awuyiwini imidlalo.

“Ngokwami besifanelwe okuthile kulo mdlalo kodwa kumele sithathe okuhle sibheke emdlalweni olandelayo.”

ISuperSport kuzomele izibambe ziqine emdlalweni olandelayo njengoba izobhekana neBlack Leopards ezama ukuvika izembe, eThohoyandou Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Sinabadlali abahle kakhulu. Siyazama ukubona ukuthi singabafaka bonke yini enkundleni, futhi namuhla ngicabanga ukuthi badlale kahle kakhulu, bazikhombisile ukuthi yini abangakwazi ukuyenza. Bakhombise ukuvuthwa, kuchaza ukuthi sinabadlali abahle kakhulu abangasithwala ngomuso.

“Badinga imidlalo emingi bedlala ndawonye kanjalo nokuthola ukuzethemba ngokuwina imidlalo. Nokho ngijabulile ngendlela abadlale ngayo,” kuphetha uTembo ebalula abadlali abambalwa abamchazile kulo mdlalo.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.