Belulelwe izinkontileka abamaDolphins

UHeinrich Strydom

ALFRED NGUBANE

Ukwenza kahle umsebenzi kwabaqeqeshi beqembu  leHollywoodbets Dolphins sekuholele ekutheni balulelwe izinkontileka yize bekusasele iminyaka emibili ziphele

Izinkontileka zabo neKZN Cricket bezizoze ziphele ngo-2023, kodwa sebengezelwe omunye unyaka njengoba sezizoze ziphele ngo-2014.

Lapha sikhuluma ngezinkontileka zo-Imraan Khan oyinhloko yabaqeqeshi noMduduzi Mbatha oyisekela lakhe.

Isikhulu esiphezulu kwiKZN Cricket, uHeinrich Strydom, uncome umsebenzi omuhle owenziwe yithimba labaqeqeshi.

Uphinde wancoma uKhan ngokuqonda kabanzi usikompilo lwamaDolphins lokubumba iqembu eliqinile.

“Sibone kukuhle ukuthi sibanike amanye amasizini amathathu ukusuka manje,” kusho uStrydom usezothi khumu kulo msebenzi wakhe

Ngaphansi kukaKhan, amaDolphins awine  iMomentum 1 Day Cup kanti kumasizini amabili edlule kade iwine iFour Day  Domestic Series labuye langena nakwiBetway T20 Challenge.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.