BENZANI MANJE: SANDILE NDLOVU – Ugcizelela inhlonipho nesikole kwinkulisa yakhe

USandile Ndlovu

SIHLE NDLOVU
Abaningi bamazi eshaya amagoli bese akhombe sengathi uyadubula nokuyisenzo esaholela ekutheni athole igama lesidlaliso elithi ngu-AK 47.
Lowo nguSandile Ndlovu oke wayibamba kwiMamelodi Sundowns, Dynamos, Maritzburg United, Moroka Swallows neBloemfontein Celtic, phakathi kuka-2003 no-2009. UNdlovu uke wadlala nakwiBafana Bafana imidlalo emithathu.
Le ngwazi yaseMgungundlovu eneminyaka engu-40, njengamanje ikhethe ukungasongi izandla kodwa izame ukusebenzisa ikhono elikhona eMphithi ukukhuphula unobhutshuzwayo nokufundisa ngezinye izinto ezidinga ukukhula kubantwana. Uqoke ukusungula inkulisa, iSANF, ezosiza izingane ngoba unalo ulwazi olunzulu ngebhola futhi kuningi akufunde esedlala ezingeni eliphezulu eMzansi.

USandile Ndlovu ekhuluma nabadlali benkulisa yakhe

“Sine-SANF, okuyiSport Academic Development, lapho sinezingane ezineminyaka engu-21 kuya phansi, esizikhulisayo. Siyazama nathi ukuthi izingane sizifundise ngoba asenzi nje kuphela into yebhola kodwa sihlanganisa nendaba yesikole.
“Kumele siqonde ukuthi ukudlala ibhola yikhono olinikwa uMdali kodwa isikole nenhlonipho umuntu kumele kube yinto ayifundiswa abantu abaseduze naye,” kusho uNdlovu.
“Lapha kwiSANF ngicabanga ukuthi abafana bayakwazi ukuxhumana nathi kalula njengoba siseduze nabo. Bayakwazi ukuthi bakhulume nathi. Ngesinye isikhathi uyazi ukuthi izingane zibuye zinqene ukukhuluma nabazali kodwa thina bayakwazi ukukhuluma nathi.
“Banalokho kwesaba kumqeqeshi ukuthi mhlawumbe ngeke angidlalise, yingakho sizama ukuhlanganisa yonke into hhayi ibhola kuphela. Isikole, inhlonipho bese kube yibhola.”

Abadlali beSANF bezilolonga

Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi ikhono liyinqwaba eMgungundlovu ngakho lokhu okwenziwa uNdlovu nasebenzisana nabo kubukeka kuwumqondo omuhle kakhulu.
“Iqembu elikwiSAB bekuyiqembu ebelidlala abantu abadala. Bekukhona abadadlana impela abangaphezulu kuka-23, manje basuke bahlupha kakhulu sase sinquma ukuthi ake sigxile kulaba bafana esesibakhulisile kusukela eminyakeni yo-13 kuya phezulu. Ngoba bese beno-17, 18 no-19, sithe ake sibajibe lapho kushisa khona.
“Besifuna ukubanikeza isipiliyoni ngoba inhloso yethu ukuthi badlale namanye amaqembu ezinkulisa namaqembu eMDC, ikakhulukazi laba abakwi-Under 19.
“Sike sahamba sadlala neBidvest Wits, ngebhadi sathi uma sibuya lapho kwaba neCovid-19 sangakwazi ukuqhubeka sidlale namanye amaqembu. Ngisebenza noMzamo Fukuli, Jimmy Lindokuhle Dlamini noChippa Nsizwa Mingwa.
“Iqembu leli elikwiSAB selidlale imidlalo emibili, lawina owodwa, ladliwa kowodwa. Kule mpelasonto sidlala neMaritzburg United le edlala kwiSAB.
“Siyethemba ukuthi abafana bazophakamisa isandla babonakale nakwiMaritzburg. Inhloso yethu vele ukuthi sibayise lapho bezodlala khona ibhola baphinde bafundiswe,” kucacisa uNdlovu.
UNdlovu uyakugcizelela kakhulu ukuthi bafuna ukukhiqiza abadlali bebhola abangahambeli kude nesikole ngoba sibaluleke kakhulu.
“Angifuni bafane nami engagcina kwamatikuketsheni kuphela ngemuva kwalokho ngangaqhubeka. Ngihlale ngibatshela ukuthi mhlawumbe bona ngeke babe nenhlanhla njengami ukuthi babe nabantu ababaholayo njengoba ngizama ukwenza lokho kubo bebaningi kangaka.
“Ebholeni futhi ungasheshe ulimale uthole ukuthi akukho okunye ozokwenza uma ungafundile.”

USandile Ndlovu nozakwabo asebenzisana nabo kwiSANF neqembu labo

Yize benza lo msebenzi omuhle kangaka kwiSANF kodwa inkinga enkulu ukuthi konke basakwenza ngothando nje abakalutholi uxhaso olungenza izinto zibe lula.
“Asinabo abaxhasi selokhu saqala le nkulisa ngo-2016, ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni. Sifisa ukuthi isabalale iSANF ngoba kunenqwaba yabadlali abavela ngaphandle koMgungundlovu, nangaphandle kweKwaZulu-Natal, abafisayo ukuzodlala lapha kodwa uthole ukuthi asinayo indawo yokubahlalisa.
“Zikhona izikole eziseduzane esingabafaka kuzo, inkinga yindawo yokuhlala. Asinazo futhi nezinto zokuhamba (izimoto). Uma singathola abaxhasi lokho kungasisiza kakhulu njengenkulisa ukuthi sikhule.”
KwiSANF kukhona i-Under 10, Under 13, Under 15, Under 17, Under 19 bese kuba yiqembu elidlala kwiSAB League.
“Siyacela ukuthi abazali bazeseke zonke izinkulisa ezikhona, hhayi iSANF kuphela, ngoba ziyasiza kakhulu ekukhuliseni abantwana ngendlela,” kuphetha uNdlovu.
Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *