BENZANI MANJE? Useshayela amaloli obengumpetha wakuleli

UChristopher Buthelezi

OKADONGA GUMBI

Uma ekhuluma ngesibhakela uvele uzizwele ukuthi yinto esegazini kuye uChristopher Buthelezi oke waba ngumpetha KwaZulu-Natal esisindweni se-middleweight isikhathi eside.

UButhelezi uke waphatha nesicoco sakuleli kanti wazama nakwezomhlaba wagcina engaohumelelanga. Uwabeke ethala amagilavu akhe ngo-2017, eselwe izimpi ezingu-41.

Wawina ezingu-25, eziyishumi kuzo ngomgqimuzo, kanti wehlulwa kwezingu-12, walwa ngokulingana kwezine. Usakhala namanje ngendlela engacacile angqimuzeka ngayo elwa ngoKgotso Motau, kanti ukhala ngowayemqeqesha ngaleso sikhathi.

“Ngangingakaze ngiyiqabule mina iringi. Ngangiqala ngalelo langa futhi ngafunda lukhulu kulokho. Yingakho nje ngifuna ukuba ngumqhathi wezimpi manje ukuze ngiqinisekise ukuthi amabhokisa awayilwi impi engaphezulu kwawo,” kusho yena.

Uthando lwamankomane lusavubguza kuye ngaphakathi nokuyingakho eseqome ukwenza ilayisense yokuba ngumqhathi. Ngaphezu kwalokho ulekelela abafana eLamontville Boxing Club, athi bafake ilokishi lakhe ehlazweni beshaywa bonke ezimpini zakamuva.

“Nginamaviki amabili ngiqalile ukubasiza kodwa sengibonile ukuthi kungani beshayeka kalula kanje. Bajima ngama-punching amathathu bebe bela ko-20. Nendlela nje abajima ngayo ayigculisi kodwa sizokulungisa manje lokho.”

Uthe njengoba awufikila umsebenzi wokuba ngumabhalane ayewenza efuna ukugxila esibhakeleni, usevele wangena ekushayeleni amaloli amakhulu athutha impahla ephuma emikhunjini eThekwini.

“Kuyaphileka yikho nje ukuthi isibhakeka siyakhumbuleka, kodwa ngayeka ngoba sekuthanda mina. Ngase ngikwenze konke engangikufisa kuso.”

Nokho uzobuyela kodwa eseyisikhulu njengoba ezoqala umsebenzi wokuba ngumqhathi ngaphansi kukaZonke Sibiya.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.