‘Besazi kumele silishaye kuqala igoli uma sifuna ukuwina kwiBucs,’ kusho uHunt weChiefs

UDaniel Cardoso oshaye igoli lokubika ekhaya leKaizer Chiefs ibhekene ne-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Ukushaya igoli kuqala emdlalweni omkhulu nosinda njengowoMkhaya baseSoweto yinto ebalulekile nekubeka esimweni esingcono sokuthi ugcine uwunqobile.

Kungenxa yalokhu umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt ebuye e-Orlando Stadium enxapha yedwa kulandela ukuthelwa induku ka 2-1 kwezakhe yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

UHunt uthe baye kulo mdlalo bazi kahle ukuthi kumele nakanjani baqinisekise ukuthi yibo abayibhakuzisa kuqala inethi. Kodwa bayeke inqwaba yamathuba esiwombeni wokuqala.

“Besinawo amathuba. Bekumele ukube bese sivele sihamba phambili ngo 2-0 ngesikhathi bona bekora. Kodwa siwayekile awethu amathuba. Besazi kumele kube yithi esilishaya kuqala igoli (ukususa ingcindezi iye kwiPirates),” kulanda uHunt ngemuva komdlalo.

Uthe ngaphandle kokuhlulwa amathuba nokubhacaza emuva ngesikhathi bengenelwa yigoli lesibili, badlale kahle futhi akukho angakhala ngakho.

“Sidlale kahle, futhi bekumele ngabe siziwinele kalula nje. Yikuphi okunye engingakusho? Ngeke ngibasole abadlali,” kuqhuba yena.

UHunt uthe maningi amaphutha okusazodingeka bawasebenze uma sebebuyele ejimini eNaturena. Indlela abazithole bevulekaka kalula ngayo ngesikhathi iPirates ishaya igoli lesibili, imkhathazile emoyeni uHunt.

“Kuyinto eyaziwayo ebholeni ukuthi uma ungawashayi amagoli awuwini. Kodwa ke nendlela esivala ngayo emuva isadinga ukulungiswa. Indlela elingene ngayo igoli lesibili ayigculisi neze.

“Kodwa besingenza kangcono naphambili ngoba noma sebehamba phambili ngo 2-0 sibe nawo amathuba, ukube sisebenzise noma elilodwa besingababamba ngo 2-2 okungenani,” kubalisa uHunt.

Bese kungokwesithathu kule sizini iBucs izitamuzela kwiPhefeni Glamour Boys kwazise bayibhaxe kuyo yomibili imilenze kwiMTN8 nyakenye.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.