Buhlale obala ubungqwele beSundowns ishayela iMazembe ngakubo koweCAF

UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns

OKADONGA GUMBI

Sekucacile ukuthi kusazoba nzima ukuvimba iMamelodi Sundowns njengoba leli qembu laseChloorkop selivele likwenze kubukeke kuyinto elula ukuwina ngisho ngabe umdlalo unzima kanjani.

Ibuveze obala ubungqwele iSundowns bayo ishaya iTP Mazembe ngo 2-1 eLubumbashi, eCongo DR emdlalweni wayo wesithathu esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League ngoMgqibelo ntambama.

IBrazilians isivule igebe lamaphuzu ayisikhombisa kuGroup B njengoba isayiwine yonke imidlalo yayo kulesi sigaba – isinamaphuzu ayisishiyagalombili kanti ilandelwa yiMazembe enamabili. Seyisalelwe yimidlalo emithathu kuleli qoqo.

Ayiwuqalanga kahle lo mdlalo njengoba bekubukeka ixakwa yinkundla enotshani bokwakhiwa (artificial grass) kodwa ngokuqhubeka komdlalo yangena egiyeni.

ISundowns ikorile ngomzuzu ka-38 kodwa laphikwa igoli layo. UThemba Zwane uvuthulule ishodi engaphakathi ebhokisini, wathi uyalibamba unozinti laphunyuka, walilandela walidonsa selingale komugqa, kodwa unompempe akangakubona lokho.

Kodwa ke ubevele engeke abone ngoba akukho obekwenzeka kwiSundowns abekubona njengoba ebeziba ngisho umdlali wayo edlaliswe kabi.

Ukubeka iqiniso nje, lonompempe  ubezihlulelwa wumsebenzi ngoba neMazembe incishwe amaphenathi kwaze kwakabili esiwombeni sokuqala.

Womabili lamaqembu abe nawo amathuba okushaya amagoli kodwa awangawasebenzisa ngendlela eyiyo.

ISundowns ibuye ekhefini seyingcono futhi iyihlanganisa kahle imimyakazo yokuhlasela  Рidlala ngesineke kodwa ithole kukhiyiwe emuva kwiMazembe.

Kodwa ize yasithola isikhiye yavula ngomzuzu ka-66, uPeter “Sha-Sha” Shalulile eqedela omunye weminyakazo emihle yaMasandawana ngokulibeka enethini ibhole.

Iqhubekile nokulawula umdlalo iSundowns kodwa kube yiyo inkinga yokungakwazi ukugqekeza udonga lwasemuva lweMazembe.

Iqembu lasekhaya libuyile nalo ngasekugcineni, laqala lahlanganisa iminyakazo ebheke phambili futhi liwakha namathuba.

Ukusebenza kwabo kube nenzuzo ngomzuzu ka-82, uTressor Mputu eshaya igoli lokulinganisa, ephambanisa uDenis Onyango nebhola abethi uyaphuma uyolivimba lisekude.

Izamile ukuphinde ithole elinye igoli ukuze ibuye namaphuzu aphelele iSundowns futhi imizamo yayo igcine ibe nembuyiselo.

Bekungumzuzu ka-90 ngesikhathi ithola i-free kick ngaphandle kancane kwebhokisi leMazembe, uLyle Lakay wayinamathisela enethini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.