UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
UDaniel Akpeyi wenze abalandeli beKaizer Chiefs bakhohlwa nawukuthi kambe kukhona u-Itumeleng Khune noBruce Bvuma kuleli qembu. Phela u-Akpeyi ubala ukhasha emabholeni eza ngasepalini lakhe ngesikhathi bedlala ngokubambana ngo 0-0 neWydad Athletic emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League.
Lo mdlalo bewuseFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa kanti iWydad beyisho ukuyinqumela ogodweni iChiefs, kodwa yafica u-Akpeyi engazwile. Uvimbe amabhola anzima abethunyelwa abagadli beWydad.
Wenze kwangabonakala ukuthi uBvuma, okunguye owayevimbe emdlalweni womlenze wokuqala, ubengekho. UBvuma naye wayevimba ngisho impukane ezindizela eduze nepali lakhe. Kubathusile abaningi ukubona u-Akpeyi kunguye oqala lo mdlalo.
Ukudlala kahle kuka-Akpeyi umenze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo. Ukuphela kwawo ngo 0-0 kuvume iChiefs njengoba yayiwine umlenze wokuqala ngo 1-0.
FUNDA NALA: UKatsande uthi ukuzikhandla kwabo ngeke kuthi shu uma bengayiwinanga indebe
Nomqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane umncomile lo nozinti, wathi ubasindise kukubi. “Noma ngabe bebedlala ngayiphi indlela, thina besizomelana nabo ngoba bebengaboni bungozi kithi.
“Kusisebenzele lokho. Indlela ebesihlele ngayo besazi ukuthi uma sifuna ukudlala njengabo, sizojaha izithunzi umdlalo wonke. Uma ubanika ithuba lokudala bangakulimaza kanzima kabi.
“Babe nawo amathuba ambalwa kulokhu kodwa unozinti wethu uDaniel Akpeyi usihlengile… nodonga lwasemuva nje lulonke ludlale kahle,” kusho uZwane.