BUKA: AmaZulu aphoxe abaphathi sebeqambe ingoma ngeMTN8

Umqeqeshi waMaZulu uRomain Folz nomengameli weqembu uSandile Zungu

 

I-Orlando Pirates ishiphe kudliwa ekhaya kwaZungu ngesikhathi eshaya AmaZulu FC qede yakhala yemuka nendebe yeMTN8 ngoMgqibelo kusihlwa. 

Phela umengameli weqembu uSandile Zungu, nomfowabo uManzini oyisikhulu seqembu bese beze baqamba nengoma yokujabulela le ndebe. 

Kodwa ezikaMagebhula zivele zafika zawuxova umcimbi zihlula Usuthu emdlalweni wamanqamu eMoses Mabhida Stadium, zathatha indebe zaya nayo eGoli. 

NangoLwesihlanu AmaZulu agcine esephika isikhangiso ebesimema abalandeli bawo ukuba bazojabula neqembu uma seliwine le ndebe. 

Kulesi sikhangiso bekuthiwa abadlali boSuthu bazongena esteji nendebe emcimbini womculo iGcwalisa Spring Picnic obuseKings Park Stadium engomakhelwane neMoses Mabhida. 

Kugcine kuvela ukuthi lesi sikhangiso senziwe umculi kaMaskando ophinde abe yinxusa loSuthu uKhuzani Mpungose nethimba lakhe. 

Nokho Impempe ihletshelwe ukuthi uZungu ubazi futhi uvumile ukuba senziwe lesi sikhangiso, kodwa waziqhelelanisa naso uma sesisusa umsindo. 

Abaningi basibone njengophawu lokweya iPirates ukuthi sekungaze kuhlelwe esidlangalaleni umcimbi wokujabulela indebe nayo ezoyidlalela. 

Lesi sikhangiso besikhombisa ukuwethemba kukaKhuzani AmaZulu ukuthi azoyidla le ndebe. Ubengeyedwa ke ngoba noZungu baqambe ingoma yokubhiyozela le ndebe. 

“Lwafika ke lolo suku lwamanqamu! Ngihamba nomengameli la umfowethu uSandile Zungu, awubatshele mfowethu,” kusho uManzini ethula le ngoma yabo. 

FUNDA NALA: UFolz woSuthu uyivuma ekhononda induku yePirates kwiMTN8

USandile Zungu ube esephendula athi: “Uyabona nje mfowethu kusasa ngabo-8 ebusuku kuyobe sekushaywa iculo elithi: Sekukhona iqembu elihlula amanye!

“Akuyon’iChiefs, akuyolon’iBhakabhaka, Usuthu! Iqembu elihlul’amanye!”.  Buka nasi ivideo ngezansi:

– Sbongs Gumbi 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *