BUKA: Basola ukushoda kwenhlonipho kodelele uRooi Mahamutsa

BUKA: Basola ukushoda kwenhlonipho kodelele uMahamutsa
USiyabonga Sangweni noRooi Mahamutsa

 

Kunevidiyo egcwele ezinkundleni zokuxhumana la umlandeli ememeza khona uRooi Mahamutsa bese emchapha ngamagama aziswana.

Lesi sehlakalo senzeke kwelinye lamalokishi aseGoli la uMahamutsa ubedlala khona imidlalo yasobhuqwini njengoba esewabeke ethala amakhokho ebholeni elikhokhelayo.

Lo mlandeli wamshutha le vidiyo qede wamemeza embuza ukuthi uzokwenzani lapha kanti akadelanaga yini ngokudlisa i-Orlando Pirates.

UMahamutsa wazakhela igama ngokudlala kwakhe ngokuzinikela kwiPirates adlale kuyo imidlalo engu-151.

Ngaphezu kokuthi ubedlala emuva, uMahamutsa waphinde washaya amagoli angu-23 kanti unezindondo eziyisishiyagalolunye aziwine kwiPirates.

Ibhola elikhokhelayo uliyeke esedlala kwiCape Town Spurs kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

“Wena wawudlisa iPirates kudala uzofunani ngempela lana? Ushadile nje kodwa? Washada nini?,” kumemeza lesi siwengu.

UMahamutsa akazange aphendule kodwa uvele wambuka nje ngalamehlo akhe ayesabisa ngawo abagadli ngezikhathi zakhe.

FUNDA NALA: Usebuyele ekhaya eZambia owadunyazwa AmaZulu emxosha

Usolwe kakhulu lo mlandeli ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi inhlonipho yinto angenayo sidalo kwazise uMahamutsa yinkakha yePirates okumele ihlonishwe.

Isikhulu esibhekelele uhlangotho lwezokumaketha kwiPirates uJoseph Bertrand naye ube ngomunye wabasibabazayo lesi senzo.

“Lena yinsizwa eyithandayo iPirates futhi eyayingafela enkundleni ilwela iqembu. Akahlonishwe uRooi Mahamutsa,” kubhala uBertrand kwiTwitter.

Baningi nabaye abaveze ukuzwelana noMahamutsa bethi lokhu kudelelwa kanje akumfanele neze noma ngabe usephuphile.

Nokho Impempe ingakuveza ukuthi uMahamutsa akaphuphile futhi akanayo inkinga yemali.

Okwenza adlale ibhola lasemabhuqwini wukuthi akafuni ukuhlala ekhaya engenzi lutho futhi ufuna ukusiza igenge esencane ngokuyikhuthaza eseduze nayo.

Buka nansi le vidiyo:

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *