BUKA: I-Arrows seyifikile enkundleni, isilinde iChiefs

BUKA: I-Arrows seyifikile enkundleni, isilinde iChiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IGolden Arrows isithelekile ePrincess Magogo Stadium KwaMashu la kulindeleke ibhekane khona neKaizer Chiefs ngoLwesithathu kusihlwa.

Abafana Bes’thende bafake ividiyo ezinkundleni zayo zokuxhumana la ikhombisa abadlali babo bedilika ebhasini.

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi iChiefs ayizihluphanga ngokusuka eGoli ize eThekwini kulo mdlalo njengoba ikhala ngokuxinwa yiCovid-19.

Nokho i-Arrows bekufanele ifike enkundleni ukuze igingqe bese isitapela amaphuzu kalula uma iChiefs igcina ngokungafiki.

IChiefs imemezele ngoLwesibili ntambama ukuthi yona ngeke ikwazi ukuya kulo mdlalo.

Uma igcina ingafikanga, kuzobe sekungokwesibili iChiefs ingayi emdlalweni ehlelelwe wona kwiDStv Premiership.

NangoMgqobelo ayiyanga emdlalweni wayo neCape Town City obekufanele ube seFNB Stadium.

ICity ifice kulenga izingidi emasangweni akule nkundla njengoba Amakhosi engazange azihluphe nangokusondela kuyo.

Bekuke kwaba nokungabaza ukuthi ngabe lo mdlao sewuhlehlisiwe yini njengoba iPSL iwubhale kanjali kwi-website yayio.

Kodwa kuyacaca ukuthi uma kunjalo lowo mlayezo awufikanga ku-Arrows njengoba iqhubekile yaya enkundleni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.