BUKA: Ihlazo iBafana ifaka isithombe sentombazane enqunu kwiTwitter

BUKA: Ihlazo iBafana ifaka isithombe sentombazane enqunu kwiTwitter
Intatheli yeMpempe

Ingene ehlazweni elibi iBafana Bafana ngoLwesibili emini ngesikhathi ifaka isithombe sentombazane enqunu kwiTwitter yayo ngephutha.

Lesi sithombe, ebesiphelezelwe ngombhalo othi: ‘Ngihleli nentombi yami engiyithandayo’, sisheshe sasuswa.

Nokho abanye bese besibonile baze basigcina ngendlela ebizwa nge-screenshot lesi sithombe kwabe sekusuka ke ukukhuluma ngaso.

FUNDA NALA: UMolangoana ukhala ngokucathama kobulungiswa kwelikaSenzo Meyiwa

U-@TiisetxoTheeMan ube esefaka lesi sithombe sale tweet wabe esesiphelezela ngombahlo othi: “Bese nimangala ukuthi kungani iBafana Bafana ingawini.”

@CozminoNtsomi wrote: “IBafana Bafana ifaka izithombe zabantu abanqunu ngoba ifuna kunakwe yona kuyekwe iBanyana Banyana… ihlazo.” 

Abanye, abafana no-@karabeast_ bakubone kuyihlaya lokhu njengoba ephendule wathi: “Nina aniyiboni lento. Le ntokazi yiyona eyengamele ikhasi leBafana Bafana.”  

Kuyacacake nokho ukuthi lo owenze lokhu kube yiphutha futhi mhlawumbe ubeqonde ukukufaka ekhasini lakhe hhayi eleBafana. 

Kodwa noma kunjalo kuyichilo ukuthi iBafana ingafaka izithombe ezinjena ezehlisa isithunzi sabesifazane ekubeni izinga lokuhlukunyezwa kwabo ngokocansi liphezulu ezweni. 

Kuzothatha amehlo nokubona ukuthi iSafa izomthathela ziphi izinyathelo lowo okunguye owenze leli phutha elibi kanjena. Buka: 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.