BUKA: Inkundla yowodumo kwiPirates iphenduke idamu

Inkundla yowodumo kwiPirates iphenduke idamu ngenxa yezimvula
Alfred Ngubane

Izikhukhula zishiye kukhalwa eDondotha kwesakwaMthethwa ngenkundla yezemidlalo okuhlonishwa ngayo iqhawe lakule ndawo uSiyabonga Sangweni owayengukaputeni we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Le nkundla yakhiwe ngonyaka odlule. Yakhiwe yaba sezingeni eliphezulu lesimanje-manje njengoba inendawo yokudlala imidlalo ehlukene.

Singabala ibhola lomqakiswano, amankomane, ezokusubatha nebhola lezinyawo. Esinye sezakhamuzi zakule ndawo esikhulume neMpempe sithi amanzi ezimvula emavikini adlule adale umonakalo.

“Kusishiye sithuthumela njengezakhamizi zalapha eDondotha uma sibona amanzi engena enkundleni ebe yithantalazi.

“Umsebenzi wale nkundla mkhulu kakhulu. Isiza izingane nabafuna ukubamba imihlangano bazosikala kuyo.

“Sibona kuzongena umnotho omningi kakhulu ngayo futhi siyabonga kubaba uMgenge okunguyena owakhe le nkundla.

FUNDA NALA: UNascimento usethole ikhala elisha kwiRoyal AM

“Njengoba engumuntu ozithandayo ezemidlalo¬† uzophatheka kabi,” kusho lesi skhamuzi esicele ukungadalulwa.

Le nkundla bekuyingakapheli kahle njengoba kukhona lapho kusashoda khona. Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo kaSiyabonga Sangweni eba minhyaka yonke ibanjelwa khona selukhu yaqala.

Nokho kule minyaka emibili edlule beyingekho ngenxa yeCovid-19. Kwaphinda kwaba ngukwakhiwa kwayo nonyaka ophelile.

Impempe izamile ukuthola uMgenge ukuthi aphawule kodwa ucingo belukhala lungabanjwa. NoSangweni akatholakalanga.

Buka nayi ividiyo yakhona:

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.