BUKA: IPirates ishaye iSundowns bamukluzana bodwa abalandeli bayo

BUKA: ISundowns ishaye yiPirates bamukluzana bodwa abalandeli
Abalandeli beMamelodi Sundowns

 

Kunevidiyo esishiye abaningi bemangele kwiTwitter eveza abalandeli beMamelodi Sundowns beshayana ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.

Akucaci ke nokho ukuthi kubangwani kodwa kuvela abalandeli abagqobe umfaniswano weSundowns beshaya kabuhlungu omunye wabo.

Le vidiyo ifakwe yintatheli yezemidlalo kwiJozi FM uThemba Tshabalala obekhona kulo mdlalo weMTN8 ePolokwane ngoMgqibelo.

IPirates iyigile isilo sengubo iSundowns kulo mdlalo iyibhaxabula ngo 3-0 iyiwashisa ijezi kulo mqhudelwano ebingompetha bawo.

FUNDA NALA: Bathenjiswe izishaqane zemali abaMaZulu uma bengashaya iChiefs

“Ngishaqekile ngokwenziwe abalandeli beMamelodi Sundowns beshaya omunye wabo egaraji likaphethiloli ePolokwane ngemuva komdlalo.  

“Lento ayiyinhle noma ngabe uyibuka ngayiphi indlela!,” ubhale kanje uTshabalala kwiTwitter ehambisana nale vidiyo.  

UChester Mnisi uphendulile wathi yinto ejwayelekile vele ukuthi abalandeli beSundowns bathelane umpetshisi ngemuva kwemidlalo. 

“Yize kukubi kunjalo kodwa vele labantu abazwani. Akusisona isigameko sokuqala la beshayana khona futhi akusona esokugcina,” uphendule kanje.  

Abanye babe sebesola ukuthi imikhuba kaMonnapule Saleng yonke le ngoba uyena owenze bacasuke ngokubukisa ngeqembu labo enkundleni.  

USaleng ushaye amagoli amabili kanti nguye owakhele noKermit Erasmus igoli lokuqala kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium. Buka nansi ividiyo ngezansi:

Sbongs Gumbi 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *