BUKA: IPirates seyethule ijezi layo lesizini ezayo

Sbongs Gumbi

Njengoba i-Orlando Pirates izobe ihlanganisa iminyaka engu-85 yasungulwa kule sizini ezayo, seyikhiphe ijezi ezodlala ngalo elihambisana nalokhu.

IPirates isaqhubeka nabo ubudlelwano beminyakanyaka ne-Adidas okuyiyo engabaxhasi bayo bezimpahla zokugqoka.

Leli jezi lemukelwe nhgenhlokomo ngabalandeli beqembu kwiTwitter, yize ke kukhona abangenelisekile ngokuthile ngalo.

Isikhulu sakwa-Adidas, uBob Maphosa, sithe: “Abasiki bethu bengqephu baqinisekise ukuthi abadlali bazohlezi bepholile uma besenkundleni.

“Lokhu bakwenze ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje obusiza ukomisa umjuluko bese kuvuleka nezimbobo zokuthi kungeke umoya.”

FUNDA NALA: UMpengesi ucacisa ngokumxabanise noLentjies

Okhulumela iPirates, uThandi Merafe yena uthe: “Le sizini ibalulekile njengoba iqembu lizobe lihlanganisa iminyaka engu-85.

“Sijabule kakhulu ngokwethula ijezi lesizini ka-2022/23 nabaxhasi bethu beminyakanyaka i-Adidas.

Buka nayi ividiyo yokwethulwa kwaleli jezi:

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.