BUKA!: Isimanga abeSimba beshisa ‘umuthi’ bukhoma e-Orlando

BUKA!: Isimanga abeSimba beshisa 'umuthi' bukhoma e-Orlando
OkaDonga Gumbi

Bakhombise isibindi esinenyongo eceleni abeSimba SC beshisa ‘umuthi’ bukhoma e-Orlando Stadium ngaphambi kokukhahlelwa kwamaphenathi emdlalweni wabo ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo ubuke le nkundla ngeSonto ebusuku kuphoqeleke ukuthi umphumela uphume phansi kwepali kulandela ukuba uphele ngo 1-1 sekuhlanganiswe imiphumela.

Kuthe ngesikhathi amaqembu ehlangene ehlanganisa abazokhahlela amaphenathi, kwabonakala ngentuthu nje la bekuhlangene khona leli qembu laseTanzania.

Buka nansi ividiyo ngezansi:

Lokhu kubathusile futhi kwabacasula abePirates. Omunye wezikhulu zePirates uhambe wayocisha ngamanzi ngesikhathi sebehlukene laba beSimba.

Nokho lo “muthi” wabo awusebenzanga ngoba uRichard Ofori uvele wabuya nayo iphenathi yokuqala, kwathi omunye weSimba wazigejela.

KwiPirates kugeje uKabelo Dlamini yedwa. U-Ofori ubuyile wazoshaya iphenathi yokuwina, wamdida wamqeda unozinti wabo.

UThandi Merafe okhulumela iPirates ube esebhala kwiTwitter ngalesi senzo sabo sakubhuqwa ethi noma bengasebenzisa onzima kanjani umuthi ngeke ulunge Esigodini sikaMaminzela.

“I-Orlando Pirates seyidlulele kweyandulela owamanqamu, nina Simba SC singeza nayo yonke inhlobo yomuthi kodwa ngeke usebenze la ekhaya,” kubhala uMerafe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.