BUKA: Ngabe iGhana seyiqale amaqhinga ayo amabi kwiNigeria?

BUKA: Ngabe iGhana seyiqale amaqhinga ayo amabi kwiNigeria?

Intatheli yeMpempe

Ngabe iGhana seyiqale amaqhinga ayo amabi? Lo mbuzo uvele ngemuva kokuvela kwevidiyo ekhombisa abadlali beNigeria bedilika endizeni ngemuva kokufika eGhana.

INigeria izogadulisana neGhana emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sokugcina sokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngempelasonto.

Kule vidiyo, kubonakala abadlali beNigeria kumele bagxume uma behla endizeni njengoba isitebisi sibekwe saba ngezansi kakhulu kunomnyango abaphuma kuwo.

Abaningi sebekubuke ngokuthi kuyingxenye yamaqhinga eGhana okuhlukumeza abaseNigeria ukuze bafike enkundleni imimoya yabo seyikhubekile.

Buka nansi ividiyo:

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.