BUKA: Owaduma kwiChiefs uvula indawo yobumnandi

BUKA: Owaduma kwiChiefs uvula indawo yobumnandi
UGeorge Lebese
OkaDonga Gumbi

Bese kuphele isikhathi engaziwa ukuthi washonaphi kodwa uGeorge Lebese usevumbuke nendawo yobumnandi eseqophelweni eliphezulu ngakubo ePitoli.

Le ndawo uyibize ngenombolo ayeyigqoka esadlala kwiKaizer Chiefs njengoba ibizwa nge Seventeen Lifestyle kanti izokwethulwa ngokusemthethweni ngoMgqibelo.

ULebese ugcine ukudlala kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila la asheshe washiya khona ngenxa yezinkinga abhekana nazo khona.

Ngaphambi kwalokho ubegijima kwiSwitchbacks yase-America la ayeka khona ngenxa yokungakwazi ukubuyela khona kulandela ukuvalwa kwezindiza ngenxa yeCovid-19.

Kodwa sekuvele ukuthi leli qembu lamnxephezela kahle ngokunqamula kwalo inkontileka yakhe okumenze wakwazi ukuzimela.

Yingakho ke manje esengene kwezamabhizinisi njengoba kubukeka sengathi usekhohliwe yindaba yebhola.

Kuzokhumbuleka ukuthi Impempe ike yabika phambilini ukuthi lo mdlali wakhala ngokuthi kukhona abamvimbayo ukuthi athole iqembu.

Abasondelene naye baze bathi useqoke ukuthi avele aliyeke ibhola. Ngaleso sikhathi wayesanda kuchithwa yiSwallows ayesejime kuyo isikhathi eside.

ULebese wazakhela igama ebholeni ngesikhathi edlala kwiKaizer Chiefs kodwa washiya eshiphile ngesikhathi esevele eya kwiMamelodi Sundowns kungazelele muntu.

Akahlalanga kahle kwiSundowns njengoba engazange akwazi ukuba ngumdlali olithola njalo ijezi waze waqoka ukushiya.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.