BUKA!: Owayedlalela iGhana usabisa iBafana ngesibhaxu

UThomas Mlambo

OKADONGA GUMBI
Owayeyisihlabi eqenjini lesizwe laseGhana, uSteve Appiah usethumelele umsakazi odumile wakuleli, uThomas Mlambo umlayezo emjova ngesibhaxu esizovulelwa yiBlack Stars kwiBafana Bafana eFNB Stadium ngoLwesine kusihlwa.
IBafana izobhekana neGhana emdlalweni wokuhlunga kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) kanti iwini ibaluleke kuwo womabili lamaqembu njengoba ebambene phezulu kuGroup C ngamaphuzu amahlanu.

“Sawubona Thomas, unjani? Selufikile usuku, iNingizimu Afrika izobhekana neGhana. Ngiyazi umphumela usuyawazi vele.
“Kodwa noma ngabe yini ezokwenzeka, kuzobe kungokwasebholeni, wena usengumfowethu. Sizoxoxa ngemuva komdlalo,” kusho u-Appiah kwi-video ayiphanyeke kwiTwitter.

UMlambo, owethula izinhlelo zezemidlalo kuSABC TV Sport, uzophendulelile naye, wathi ngeke iBafana ivume ukudlala abanye abafana isekhaya.
“Mfowethu, kuyajabulisa ukuthola umlayezo wakho. Ngiyazi awukaze use kwami, kodwa ngifuna ubuke lana (ekhomba isithombe sika-Appiah esisodongeni kwakhe).
“Lesi sithombe sibekwe endaweni ekhethekile layikhaya. Wasisayina wena, ngasiphanyeka odongeni lwami. Kodwa ke, noma ungathini umphumela walo mdlalo, ngifuna sihlale sazi ukuthi siyizwekazi elilodwa, yiwumndeni owodwa, so ke singabatu futhi baby ubufakazi (ekhomba isithombe).
“Nguyayizwa indaba yokwazi umphumela, kodwa mina ngifisa ukuthi iBafana neGhana bangebe kwi-AFCON, ngakho sesobonana eCameroon ngonyaka ozayo,” kusho uMlambo.

IGhana inomlando omuhle neNingizimu Afrika futhi ngo-2010 yagcina seyibizwa ngeBaGhana BaGhana kulandela ukudlulela kwayo emzulisweni wesithathu eNdebeni yoMhlaba eyayikuleli. Lo mdlalo uzovezwa bukhoma kuSABC 3 ngo 6 ntambama.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.