OkaDonga Gumbi
Ividiyo ekhimbisa uStuart Baxter eshaya u-Arthur Zwane ngomzimba ngesikhathi ejabula nethimba lakhe ngemuva komdlalo wangoMgqibelo seyisuse ukuqagula.
Sekukhona abasola ukuthi kunokungezwani ethimbeni labaqeqeshi kwiChiefs ikakhulukazi phakathi kukaBaxter nephini lakhe uZwane.
Kule vidiyo esindiza ezinkundleni zokuxhumana, uBaxter ubonakala exhawula amaphini akhe kodwa bese evele adlule sengathi akamboni uZwane.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iChiefs iguqise i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlawleni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.
FUNDA NALA: Onozinti babe ngamaqhawe, abanye babhacaza ngoMgqibelo
UZwane wayebambe njengomqeqeshi kulandela ukuxoshwa kukaGavin Hunt ngesizini edlule. Wathatha iChiefs wayifaka kowamanqamu kwiCaf Chalmpions League.
Kodwa kwathi sekudlalwa owamanqamu, kwamemfuka uBaxter sekunguye ophambili. Nokho izinti zabhimba njengoba i-Al Ahly yabafaka induku.
Kusukela lapho kunabalandeli beChiefs abangamuzwa uBaxter abathi kumele axoshwe bese iqembu linikwe uZwane ngokugwele.
Lesi sigameko sakamuva sesiwafudumezile amahlebezi okuthi kukhona vele ukungahoshelani okukhona phakathi kwalaba baqeqeshi.
Buka nansi ividiyo ngezansi: