AMAGAMA: OkaDonga Gumbi
IZITHOMBE: Kaizer Chiefs
Kusukela enhluphekweni enzima abayibona eBurkina Faso kuya kubuhle bezwe laseTanzania, uhambo lweKaizer Chiefs lokuzingela inkanyezi ehambisana nokuwina iCAF Champions League belunakho konke.
Inhlupheko abayibona eBurkina Faso yashiya abadlali begqilazekile emoyeni. Nokho ubuhle ababubona kwamanye amazwe njengaseTanzania kubafake ugqozi lokuthi bayobuyela ngelinye ilanga sebeyoshaywa wumoya nemimndeni yabo.
Ngesikhathi belungiselela umdlalo wamanqamu kulo mqhudelwano, abadlai abahlukene beChiefs bakuvezile ukuthi izinto ababhekane nazo zibaqinisile futhi zabakhulisa.
Ekhuluma kulo leli sonto, uNjabulo Blom ukuvezile ukuthi inhlupheko ayibona eBurkna Faso yamlimaza emoyeni, kodwa yamfaka umfutho wokuthi asebenze kanzima. NoLebogang Manyama ukuvezile ukuthi ezinye zezinto abazibonile zibenze bakubonga ukuba ngabalapha eNingizimu Afrika.
IChiefs idlale emazweni amaningi ahlukene ezwenikazi okukhona kuwo i-Angola, Sudan, Tanzania, Cameroon, Morocco neBurkina Faso.
Lokhu kuhambela kwayo amazwe ehlukene kubaqinisile njengeqembu, kwabenza bambumbana kakhulu kunakudala. Lapha sibheka izithombe zohambo lweChiefs njengoba ilibangise eMorocco la izobhekana khona ne-Al Ahly kowamanqamu.



