BUKA!: UKatsande uhlulwa ukushova ibhayisikili

BUKA!: UKatsande uhlulwa ukushova ibhayisikili
UWillard Katsande
Intatheli yeMpempe

Umdlali weSekhukhune United uWillard Katsande uphenduke ihlaya kozakwabo ehluleka ukushova ibhayisikili, wagcina esebeka izaba ezingathi shu.

Lo mdlali nozakwabo bebelula izinyawo ebhishi eThekwini ngempelasonto ngesikhathi ecela ukubolekwa ibhayisikili ngomunye walaba abadayisa u-ice cream khona ngasolwandle.

Ube eselinikwa kodwa lamhlula lamkhipha inkani, wagcina esehlekwa ngozakwabo naye ezama ukuchaza ukuthi yini eyenza ahluleke.

“Yima, ungangiduduli ndoda,” uzwakala esho kanje ngezwi elithukile uKatsande njengoba omunye ezama ukumsiza.

“Ngiyahluleka ukuhlala kahle ngoba lento iyangilimaza,” kusho yena ekhomba le ndawo engemuva okuhlala kuyo iu-ice cream lo odayiswayo.

Babe sebemhleka ozakwabo bethi lento ayishoyo ayikho, uzama izaba nje ngoba nakhu ehlulwa wukushova ibhayikisili.

ISekhukhune beyiseThekwini ngempelasonto la beyiyodlala khona naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiershop ophele zibambene ngo 0-0 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.