BUKA: UMatlaba nozakwabo becula ingoma kaYvonne ChakaChaka

BUKA: UMatlaba nozakwabo becula ingoma kaYvonne ChakaChaka
UThabo Matlaba weRoyal AM
Sbongs Gumbi

UThabo Matlaba ungomunye wabadlali abaziwa ngokukhululeka nokuhlale bezihlekisela lapho bekhona, enze kube nomuzwa omnandi eqenjini.

Usaqhubeka nalokhu nakwiRoyal AM asedlala kuyo kulandela ukushiya kwiSwallows FC ngoJanuwari kulandela ukuba ecele ukukhululwa.

UMatlaba useze wavula inkundla yakhe kwiTikTok ala afaka khona amavidiyo akhe nabangani nozakwabo benza izinto ezihlukene.

NgoMgqibelo uchaze abakulenkundla efaka ividiyi yakhe nozwakwabo okukhona kubo uKabelo Mhlasela nokaputeni uLesego Mnganyi.  

Kule vidiyo lo mdlali owake wagijima kwi-Orlando Pirates futhi waxoshwa abalandeli besamthanda ubonakala nalabo zakwabo becula futhi bendansela ingoma kaYvonne ChakaChaka’s ethi Umqombothi.

FUNDA NALA: Ingase ihoxiswe imidlalo kaSiyabonga Sangweni kulo nyaka

Le ngoma yayishisa izikhotha ngeminyaka yo-80 ngesikhathi lo mculi owaziwa ngelikaQueen of Africa esadume izwe nomhlaba wonke.

UMatlaba nguye ohamba phambili kule ngoma ezenza uChakaChaka kanti le vidiyo yakhe seyibukwe ngabantu abangaphezu kuka-2 400 abachazekile. Buka ividiyo ngezansi:

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.