BUKA!: Umengameli weTS Galaxy ehilizisana nonogada bePirates

BUKA!: Umengameli weTS Galaxy ehilizisana nonogada bePirates
UTim Sukazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kusuke esikhulu isidumo esindlini zokushintshela abadlali e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku umengameli weTS Galaxy uTim Sukazi ehilizisana nonogada.

USukazi ubefuna ukungena egunjini la iqembu lakhe belikhona ngesikhathi lizobhekana ne-Orlando Pirates kule nkundla.

Nokho onogada bamnqabelile kanti asikaveli isizathu esenze wanqatshelwa ukuba ayokhuthaza abadlali bakhe kulo mdlalo omkhulu eqenjini lakhe.

Nokho kungenzeka ukuthi bekungenxa yokuthi kunesibalo esikaliwe sabantu okumele babe segunjini ngesikhathi esithile ngenxa yemigomo yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.

USukazi, obesesibeke ngezansi komlomo isifonyo okuyinto engahambisani nemithetho, ubezwakala ekhalaza ngokuthi yihlazo leli elenzekayo.

“Yihlazo leli. Thabang, faka ezinkundleni zokuxhumana lento khona abantu bezobona sibhekana nesimo esinjani la kwiPirates,”uzwakale esho kanje uSukazi.

Omunye abehamba naye uzwakale emfakazela ethi njalo uma bese Orlando baba nenkinga efanayo ngoba nangesizini edlule kwenzeka okufanayo.

“Wonke omunye umuntu uvumelekile ukungena ngaphandle kwami. Asikho isizathu esingivimbelayo,” kuqhuba uSukazi echazela amaphoyisa abesesondele ukuzolamula.

“Kungani? IPirates ingcono ngani? Ihluke ngani (kwamanye amaqembu)? Uma ningivimba, kuzohiliziswana ngiyafunga.

FUNDA NALA: UDolly uthembisa ukuqhubeka nokuqhulula amagoli kwiChiefs

“Silana sonke, kuzohiliziswana. Akusekho okunye esingakwenza, kumele singene ngenkani. Sizokwenza lokho. Phela asisabi,” kusho uSukazi.

Kube sekusuka isibhudubhudu ke sebedudulana namaphoyisa nonogada njengoba bebefuna ukungena ngenkani.

Nokho ngathi lugcine lugobile kuye uphondo wagcina engangenanga njengoba befake le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana bekhalaza ngempatho engeyinhle.

Nasenkundleni akubahambelanga kahle njengoba iPirates ishaye iGalaxy ngo 2-0 kulo mdlalo weDStv Premiership.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *