ISITHOMBE: Twitter
Ukuqashwa kukaMolefi Ntseki njengenhloko yabaqeqeshi nesikhungo sezinkulisa kwiKaizer Chiefs kuhlangatshezwe ngemibono ehlukene. Nomhleli wethu, uSihle Ndlovu uzoze nabezindaba zesiZulu kwaSABC, ebeka owakhe umbono ngalokhu.
UNtseki uqashwa kwiChiefs nje usanda kuchithwa kwiBafana Bafana ngemuva kokuhluleka ukuyifaka emidlalweni yeAfrica Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo.
Wagxekwa kakhulu ekwiBafana, abaningi bethi ubevele engenawo amava afanele ukuthi usenganikwa lo msebenzi omkhulu futhi obaluleke kangaka.
Email: Editor@impempe.com