BUKA!: Unompempe owabamba iBafana ngophondo enza ihlazo

BUKA!: Unompempe owabamba iBafana ngophondo enza ihlazo
UMaguette N'diaye
OkaDonga Gumbi

Unompempe ‘oyisitha’ cishe sabo bonke abalandeli bebhola eNingizimu Afrika kulandela ukubamba iBafana Bafana ngophondo, uMaguete N’diaye usezifake ehlazweni.

Lo nompempe waseSenegal akathandwa kuleli kulandela ukucindezela kwakhe iBafana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eyayibhekene kuwo neGhana ngasekupheleni konyaka odlule.

Ukuhlaziywa kwezinqumo zalo nompempe kwaveza ukuthi wayeyihlezi entanyeni iBafana kanti nephenathi akayibeka yakhalisa kakhulu.

Yiyo le phenathi eyasiza iGhana ithole igoli eyagcina inqobe ngalo lo mdlalo okwakhipha iBafana ethubeni lokungena kulo mqhudelwano ozoba ngasekupheleni konyaka.

UN’diaye ungene ehlazweni ngesikhathi echiliza kabuhlungu umdlali weMoroccco emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) eCameroon ngeSonto kusihlwa.

FUNDA NALA: UMbule kusangenzeka aye kwiSundowns…

Bekunesixakaxaka kubangwa esinye sezinqumo zakhe ngesikhathi ebonakala echiliza uMunir El Haddadi emphonsa phansi.

Lo mdlali ube esebamba ubuso sengathi uthelwe othulini nguMike Tyson ngesibhakela. Kodw ake vele abadlali basenhla ne-Afrika bayaziwa ngokukwazi kwabo ukuzenzisa.

Akukakacaci ke nokho okwamanje ukuthi iCaf izombeka yini icala lokufaka ibhola ehlazweni kwazise ukubambana ngezandla akuvumelekile ebholeni.

Kuba yichilo ke uma sekungunompempe owenza lokhu. Abalandeli baseMorocco bakhale esifanayo nesabeBafana ngemuva kwalo mdlalo.

Bebesola lo uN’diaye ngokuthi ubevele engafuni bawine futhi ubeyicindezela iMorocco ngezinqumo zakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.