BUKA: UPogba ususe umsindo esusa ibhodlela likabhiya phambi kwakhe

BUKA: UPaul Pogba ususe umsindo esusa ibhodlela likabhiya phambi kwakhe
UPaul Pogba
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Ukaputeni wePortugal, uCristiano Ronaldo ubesematheni nemuva kokususa amabhodlela amabili eCoca-Cola etafuleni ngesikhathi kunesithangami sabezindaba, wazithethelela ngokuthi ukhuthaza abantu ukuthi baphuze amanzi.

Nozakwabo weFrance, uPaul Pogba wenze okufanayo esusa ibhodlela likabhiya iHeineken ngoba inkolo yakhe yobuMuslim ayihambisani notshwala.

Lo mdlali weManchester United akashongo lutho kodwa uvele wasusa ubhiya wawubeka ngaphansi kwetafula waqhubeka nokuphendula imibuzo yezintatheli ngemuva komdlalo weFrance neGermany eMunich ngoLwesibili.

Okuthuse abaningi ukuthi uPaul Pogba, odlale incwenga yebhola uqokwe waba yiHeineken Star of the Match.

Kubukeka sengathi inhlangano eyengamele ibhola e-Europe i-Uefa ayinankinga ngendlela uRonaldo noPogba abaziphathe ngayo yize konke lokhu kuthinta abaxhasi abakhulu balo mqhudelwano wabo i-Euro 2020.

“Wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela isiphuzo asithandayo” kushaya ngamafuphi isitatimende sabakwaCoca-Cola ngesenzo sikaRonaldo. Isenzo zikaPogba sisuse izimpikiswano ezinkundleni zokuxhumana.

Abanye bebemncoma bethi bekufanele awususe njengoba inkolo yakhe ingahambisani nokuphuzwa kotshwala. Abanye bebethi bekumele awuzibe enze abekuzele.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.