UMadida usola iSafa ngokungamhalaliseli uMosimane ngokuqashwa kwakhe ku-Al Ahly Umbhali wempempe

UFANI Madida oke wayibamba kwiBafana Bafana, Kaizer Chiefs nasemaqenjini aseTurkey, ugxeka iSouth African Football Association (Safa) ngokungamhalaliseli uPitso “Jingles” Mosimane ngokuyophakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika enhla ne-Afrika. UMosimane uqophe umlando ngokusayina kwi-Al Ahly yase-Egypt, lapho efike […]