Currie Cup: Kuhlehliswe eyandulela owamanqamu nowamanqamu

 

Manqoba Mchunu 

ISouth African Rugby inqume ukuhlehlisa imidlalo eyandulela eyamanqamu nowamanqamu yeCarling Currie Cup.

Le midlalo sekulindeleke ukuthi idlalwe sekudlule isonto kunesikhathi ebesihleliwe, ngenxa yezingqinamba ezihlangene neCovid-19

Inhloso yalolu shintsho ukuqinisekisa ukuthi konke kwenzeka kahle kulo mqhudelwano, nokunika amaqembu ithuba lokulawula iCovid-19. Izinsuku ezintsha okuzodlalwa ngazo sezikhishiwe. Imidlalo eyandulela eyamanqamu izodlalwa ngoJanuwari 23 lapho iVodacom Bulls izobhekana neXerox Lions ePitoli. Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iDHL Western Province neCell C Sharks, eNewlands Stadium, eKapa.

Umdlalo wamanqamu uzokuba ngoJanuwari 30 kanti inkundla izocaciswa ukuthi kuzohamba kanjani kweyandulela owamanqamu

“Ngithanda ukubonga amaqembu afinyelele kweyandulela eyamanqamu ngokubambisana nathi ukuqinisekisa ukuthi isizini iphethwa ngendlela okufanele kube iyona, yize kunezingqinamba. Ompetha bazochonywa uphaphe emasontweni ambalwa ezayo,” kusho uRassie Erasmus ongumqondisi kwiSA Rugby.

Uma kukhona iqembu elingeke lidlale kweyandulela eyamanqamu ngenxa yeCovid-19, lelo qembu lizogingqelwa bese kuthi ebelizodlala nalo lidlulele kowamanqamu. Uma kwenzeka isimo sokuthi womabili amaqembu awaphumeleli ukudlala, iqembu eliqede imidlalo yamaphuzu liphezulu lizoqhubekela phambili, kowamanqamu. Uma kuhlehliswa umdlalo wamanqamu kuzomele amaqembu athintekayo avumelane ngokuthi uyobuye udlalwe ngaluphi usuku umdlalo.

Imidlalo yamaphuzu yeCurrie Cup izoqedelwa ngempelasonto. ITafel Lager Griquas izobhekana neToyota Cheetahs eTafel Lager Park, ngoMgqibelo ngo-4.30 ntambama. NgeSonto iPhakamisa Pumas izobhekana neBulls eMbombela Stadium, ngo-4 ntambama. Nokho le midlalo ngeke isayishintsha indlela emi ngayo imidlalo eyandulela owamanqamu.