Elase-Afrika lizowina iNdebe yoMhlaba – Motsepe

UPatrice Motsepe
Sihle Ndlovu

Umengameli weCAF, uPatrice Motsepe, useveze ukuthi unethemba elikhulu lokuthi izwe eliqhamuka e-Afrika lizogcina liyiwinile iNdebe yoMhlaba.

Ukusho lokhu ngesikhathi ehalalisela amaqembu ase-Afrika azoyibamba kwiNdebe yoMhlaba eseQatar kusukela ngoNovemba 21 nonyaka.

“Umengameli weCAF, uPartice Motsepe, uthanda ukubongela iCameroon, Ghana, Morocco, Senegal neTunisia ngokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba yeFifa eseQatar,” kusho isitatimende ngomlomo womunye wabasebenzi beCAF.

“Umengameli unethemba elikhulu lokuthi la maqembu esizwe azomela amazwe awo ne-Afrika yonkana ngokukhulu ukuzinikela kwiNdebe yoMhlaba.

“Unethemba futhi umengameli weCAF ukuthi esikhathini esifushane esizayo, izwe elisuka e-Afrika lizoyiwina iNdebe yoMhlaba.”

Amaqembu aqhamuka e-Afrika ajwayele ukungahambi ibanga elide kwiNdebe yoMhlaba. Nokho uMotsepe wethemba ukuthi iCAF ingakushintsha konke lokho.

“I-CAF ikulungele futhi izinikele ekusizeni, ngayo yonke indlela engenza ngayo, wonke amazwe ase-Afrika azodlala kwiNdebe yoMhlaba eQatar.”

I-Egypt ngeke ilubhade kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokushaywa yiSenegal kweyokuhlunga. INigeria nayo izoyibuka kwithelevishini le midlalo kulandela ukugudluzwa yiGhana.

IGhana ishwebise iBafana Bafana seyithembile, ngemuva kokuqeda phezulu eqoqweni layo. Kuzokhumbuleka ukuthi kusuke omkhulu umsindo ngenxa yephenathi engacacile enikwe iGhana emdlalweni wokugcina wamaqoqo, ibhekene neNingizimu Afrika.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.