Elinye ifu elimnyama kwiCosmos kushona umdlali

Elinye ifu elimnyama kwiCosmos kushona umdlali
Intatheli yeMpempe

Sekuphinde kwaba nelinye ifu elimnyama kwiJomo Cosmos njengoba seyishonelwe ngomunye wabadllai bayo.

Leli qembu lenkakha yebhola kuleli uJomo Sono lisanda kudliwa yizembe kwiGladAfrica Championship yize lisasalelwe umdlalo owodwa kulesi sigaba.

Nokho lowo mdlalo selizowudlala ngaphandle kukaSivuyile “Marcelo” Zozi njengoba selibike ukuthi ushonile.

Ngokwesitatimende esifishane esizhicilelwe yileli qembu kwiTwitter, uZozi ushone ngoLwesithathu ekuseni. Nokho alizange lisho ukuthi kwenzakaleni.

“Umndeni weJomo Cosmos usemanzini kulandela ukushonelwa ngomunye wabadlali bethu uSivuyile “Marcelo” Zozi obesayine kweZenkosi ekuqaleni kwale sizini.

“UZozi ubeneminyaka engu-25 ngesikhathi sokushona kwakhe,” besifundeka kanje lesi sitatimende. UZozi ubejoyine iCosmos esuka kwiBizana Pondo Chiefs.

ICosmos izovala isizini ngomdlalo ezobhekana kuwo nePretoria Callies ngeSonto ntambama. Yonke imidlalo yalesi sigaba izodlalwa ngeSonto, iqale ngo 3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *