Elinye ihlazo ugesi ubambezela ukuqala komdlalo ngehora

Elinye ihlazo ugesi ubambezela ukuqala komdlalo ngehora
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuphindeke elinye ihlazo kwiPremier Soccer League njengoba umdlalo weMaritzburg United neKaizer Chiefs ngeSonto kusihlwa ubambezelekile.

Lo mdlalo weDStv Premiership bekumele uqale ngo-5.30 ntambama eHarry Gwala Stadium kodwa kuze kwaphela ihora ungaqalile.

Lokhu bekungenza yokuthi kube nenkinga kagesi kule nkundla kanti negeneretha ivele yagoloza ukusiza.

Nokho kugcine kulungile njengoba kubonakale onjiniya bakagesi sebehambela isibani ngasinye besikhayisa.

Lokhu kwenzeke sekuphele imizuzu engu-45 kumele ngabe umdlaoo sewuqalile.

Leli yihlazo lesibili esikhathini esiyinyanga ukwenzeka emidlalweni yePSL njengoba nomunye wagcina uhlehlisiwe emasontweni ambalwa edlule.

Emdlalweni la AmaZulu Fc kwakumele abhekane khona neMarumo Gallants wamiswa kusaphele imizuzu eyishumi uqalile.

Lokhu kwakungenza yokushayisana kwemibala yejezi okwenza onompempe bengakwazi ukuhlukanisa amaqembu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.