Engabe bebengenwe yini becabanga ukusungula iSuper League

Abalamdeli beReal Madrid bebhikishela iSuper League

SIHLE NDLOVU

Selokhu ngaqala ukulandela ibhola elikhokhelayo angikaze ngiwuzwe umbhedo ofana nalo esivuke ngawo ngoMsombuluko we-European Super League.

Ngivele ngaxakeka nje ukuthi ubani lo othanda imali kangaka oqhamuke nombono wokuthi kukhona amaqembu athathwa njengamakhulu e-Europe okumele ayosungula iligi yawo wodwa lapho ezodlala khona, ebizwa ngeSuper League.

Lapha bekubalwa amaqembu angu-12 okukhona kuwona iManchester United, Manchester City, Chelsea FC, Arsenal, Tottenham Hotspur, Liverpool FC, Real Madrid, Barcelona, Atletico Madrid, Juventus, Inter Milan ne-AC Milan.

Ngimangale kakhulu ukuthola amaqembu abesevele esevumile ukuyodlala kwiSuper League futhi esesayinile. Kufikwe kanjani ngempela kulesi sinqumo?

Labo abaqhamuke nomqondo wokuthi akusungulwe iSuper League bebecabanga ukuthi kumele kwenzekeni nge-Uefa Champions League?

Phela kusobala ukuthi kwiChampions League nakwi-Europa League bese kuzodlala kuphinde kuwine amaqembu akuthola kunzima ukuqeda ngisho kwiTop 8 kumaligi ase-England, Spain nase-Italy. Nomake bese kuzogiya amaqembu aseGermany, Portugal nawaseFrance wona abengabaliwe kulo mhlolo weSuper League.

Kuyinto enhle kakhulu ukuthi abaphethe kwi-Uefa bawanqumele ugwayi katiki ukuthi ayiyeke le mbudane amaqembu abesesayine lesi sivumelwano, noma akhohlwe kwamanje yiChampions League esifinyelele kweyandulela owamanqamu amaqembu afana neChelsea, Real Madrid neManchester City.

Okunye atshelwe kona la maqembu ukuthi awaqhubeke nokuyodlala iSuper League leyo kodwa abadlali bawo ngeke besavunyelwa ukumela amaqembu abo esizwe.

Okwakobanike ukudlala kwiSuper League wenze imali eshisiwe kodwa ungalubhadi kwiNdebe yoMhlaba neqembu lakho lesizwe!
Phela vele uma uthatha izinqumo ngaphambi kokucabangisisa kahle kumele utshelwe ukuthi kuphakathi kokuthi uyawushiya umbhedo noma kuzophela nya ngakho konke osukusebenzele kanzima iminyaka. Yingakho nje amaqembu ase-England esheshe alilungisa iphutha akucacisa ukuthi asehoxile kule Super League yakhona.

Kumaligi amaningi kuba mnandi futhi kuyashuba uma sekuzophela isizini ngoba amaqembu asuke eselwela ukuzibekisela indawo kwiChampions League nakwi-Europa League. Lo mbango wokufuna ukudlala kule miqhudelwano ye-Uefa iwona kanye odingekayo nowenza izinga lebhola likhuphuke kumaligi amaningi ase-Europe.

Manje uma sekuthathwa isinqumo sokuthi amaqembu enza kube mnandi kwiChampions League asezoyodlala wodwa kwiSuper League lapho engadingi khona ukulokhu ezibekisela indawo, bekufana ncamashi nokuthi kubulawa ibhola ngoba nje kuqhutshwa phambili imali.

Awucabange nje e-Afrika uma kungathiwa amaqembu ahlonishwayo e-Afrika afana ne-Al Ahly, Zamalek, Wydad Casablanca, Horoya FC, Enyimba FC, Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns, Orlando Pirates namanye, azodlala kwi-African Super League wodwa akhohlwe yindaba yeCAF Champions League neCAF Confederation Cup.

Kungaba ubudedengu obungakaze bubonakale ebholeni lase-Afrika futhi kungasho kona ukuthi labo abathathe leso sinqumo abanandaba nebhola kodwa babheke ukuthi yimalini abazoyizuza.

ISuper League yinto okungamele nje kuphinde kukhulunywe ngayo ngoba iwumsangano nje ohambisana nobudedengu obubangwa ukuthanda kakhulu imali nokucabangela emaphoketheni kwabantu abathile. Shwii!!

USihle Ndlovu ungumhleli weMpempe

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.