EZINGENA MANJE!: iCas seyisikhiphile isinqumo odabeni lweRoyal AM

ICas nayo iyichithile iRoyal AM kwelokuwina iGladAfrica
OkaDonga Gumbi

Cishe sekumele asale esamukela ukuthi impi imhlulile uShauwn “MaMkhize”  Mkhize njengoba iCourt of Arbitration for Sport (iCas) nayo imchithile.

UMaMkhize wayedlulisele kule nkantolo icala lakhe lokuphucwa isicoco seGladAfrica Championship ngesizini edlule.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi iSekhukhune United iphiwe ngumahluleli amaphuzu amathathu ayenza yeqa iRoyal AM kwaba yiyo ompetha balesi sigaba.

Nokho uMaMkhize akazange avume ukuthi uphondo lugobe kalula kulolu daba njengoba abe eselidlulisela ezinkantolo zomthetho kuleli.

Kube ukuhluleka ezinkantolo zakuleli, wabe eselufaka kwiCas leli cala njengoba kuyiyo enkulu kunazo zonke emhlabeni emacaleni ezemidlalo.

Nokho iCas ikhiphe isitatimende ngoLwesithathu ntambama la iveze khona ukuthi iyayichitha iRoyal AM njengoba ingenawo amandla okunquma ngalolu daba.

“ICourt of Arbitration for Sport inqume ukuthi: 1. ICas ayinalo ilungelo lokulalela isikhalo esifakwe yiRoyal AM Football Club ngomhla ka-7 kuSepthemba 2021.

“2. Izindleko zokuhlalelwa kwaleli cala, ezisazohlonzwa yihhovisi leCas, zizothwalwa yiRoyal AM Football Club’

“3. IRoyal AM Football Club izokhokhela iNational Soccer League neSekhukhune United FC ingxenye enguCHF 4 000 ngamunye ukuze bakhave izindleko abangene kuzo ngalolu daba.

“Abanye abebekhona kulolu daba bazozikhokhela ezabo izindleko,” beyifundeka kanje ingxenye yalesi sitatimende eside.

Akukakacaci ke ukuthi uMaMkhize uzokwamukela yini lokhu bese eluyeka lolu daba noma uzobheka izinye izinhlaka angalufaka kuzo.

Wagcina ethenge isitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala kwiDStv Premiership la leli qembu lakhe lenza kahle kakhulu khona.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.