EZINGENA MANJE: NeChippa seyigaxele kunoxhaka owakhubaza iChiefs

EZINGENA MANJE: NeChippa seyigaxele kunoxhaka owakhubaza iChiefs
U-Augustine Kwem
OkaDonga Gumbi

Sekuvele ukuthi neChippa United seyigaxele kunoxhaka owabambezela iKaizer Chiefs kumasizini amabili edlule wokumiswa ekusayineni abadlali.

Lokhu kuvezwe wumphathi ka-Augustine Kwem obengumgadli waleli qembu lase-Eastern Cape ngesizini edlule kodwa osekwiTS Galaxy manje.

Ngokokubika kweSAfm uJohhny Ogbah uthi isinqumo sokumiswa kweChippa ekutheni isayine abadlali siphume ngoLwesithathu ntambama.

Lesi sinqumo sithathwe yiFifa kulanela ukuthi becebe kuyo iChippa ngokuhluleka kwayo ukukhokhela uKwem imali ababevumelene ngayo ngesikhathi bemsayina.

Encwadini ethunyelelwe u-Ogbah neChippa, iFifa ithi leli qembu ngeke lisavunyelwa ukusayina abadlali bangaphandle kwakuleli kusukela khona ngoLwesithathu.

“Ngaphezu kwalokho sinxusa iSafa ukuthi ingavumeli iChippa United ukuthi isayine abadlali kusukela khona manje,” ibifundeka kanje ingxenye yale ncwadi.

FUNDA NALA: UBoshoff akanankinga ngokulinda ithuba lakhe Osuthwini

U-Ogbah yena uthe: “Lento siyibona njalo ebholeni. Kodwa umdlali akafuni ukuba iqembu likhubazeke ngenxa yalento, nami ngokunjalo.

“Ngakho kumele basikhokhele. Uma bengasikhokhela manje, sizobe sesazisa iFifa bese lesi sigwebo siyahoxiswa.”

Ngokusho kwakhe le mali ekweletwa yiChippa ngu-R200 000. NeChiefs yake yamiswa ekusayineni abadlali amasizini amabili.

Lokhu kwakulandela ukuthi yayehlulekile wukukhokhela iqembu laseMaurtious eyayithole kulo u-Aro Adrianamarinana.

Muva nje iMarumo Gallants ihoxiselwe lesi sigwebo kulandela ukuthi iyikhokhile imali ebiyikweleta uGustavo Paez eyamxosha ingakapheli inkontileka yakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.