EZINGENA MANJE: Seluhlome ngoQalinge Usuthu

UThabo Qalinge

OKADONGA GUMBI

Usegcine esayinile kuMaZulu FC uThabo Qalinge obesenesikhashana ezicija naleli qembu ngenhloso yokuthenga amehlo kaBenni McCarthy oqeweqesha leli qembu laseThekwini.

Usuthu lumemezele ukusayina kwalo uQalinge kwiTwitter ngoLwesithathu ntambama, lwathi uzothwala unombolo 47 emhlane. Bese kunesikhashana uQalinge engeneqembu njengoba alaxazwa yiSuperSport United ngasekuqaleni konyaka odlule.

Lo mdlali wazakhela igama ngomdlalo wakhe odle ngomjiko ayewuthanda kakhulu eseku-Orlando Pirates. Nokho kwagcina kuyiwo omakhela igazi elibi kwabanye bekhala ngokuthi ujika noma kungasenasidingo.

Ukunikwa ithuba kuMaZulu kubonakala kuyinto ezolivuselela ibhola lakhe kwazise unejubane futhi uzongena khaxa esitayeleni sikaMacCarthy.

Nokho kuzodingeka akulwele ukuthola ijezi njengoba efike ngesikhathi iqembu seliqala ukuhlangana kahle. Ukusayinwa kwakhe sekuqinise namahlebezi okuthi uSiphiwe Tshabalala uzoyekiswa ukudlala bese enikwa isikhundla emkhakheni wezokumakethwa kweqembu.

UTshabalala noQalinge badlala indawo efanayo kanti ivele inabadlali abafana noSiyethemba Sithebe, Siphesihle Maduna, Talent Chawapiwa noZukile Kewuti.

UShabba usehluleke wancama yena ukungena eqenjini eliqala imidlalo kodwa useke walithola ijezi engena esuka ebhentshini emidlalweni embalwa.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *