EZINGENA MANJE: Sidalula amagama abaqeqeshi abane abaseqhulwini kweseBafana

U-Eric Tinkler

MTHOKOZISI MNCUSENI

Isigungu seSouth African Football Association (Safa) ngaphansi kophiko lweNational Executive Committee (NEC) siphupha ngokuqasha umuntu owumnsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika kwesokuqeqesha iBafana Bafana.

Kusukela le nhlangano ikhombe uMolefi Ntseki indlela kulandela ukuhluleka kwakhe ukufaka leli qembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ngenyanga edlule, imelwe ukuqasha umqeqeshi omusha.

Okumpintsha iSafa ukuthi imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseQatar ngo-2022 iyaqala ngoJuni.

Impempe.com ihoshe ukuthi okuyibona abazoqoka umqeqeshi olandelayo bahlanganile ngoLwesithathu kwagqama igama likaPitso Mosimane oqeqesha i-Al Ahly.

Ngaphandle kukaMosimane negama lomqeqeshi waMaZulu, uBenni McCarthy livelile kanjalo nelikaSteve Komphela osebenza kwiMamelodi Sundowns no-Eric Tinkler ongenamsebenzi okwamanje.

Ngokomthombo wethu, lo mhlangano othathe amahora amaningi kuningi okukhulunywe kuwona kodwa bekuseqhulwini ukuthi uMosimane uyena okufanele aphakanyiswe kwiNEC.

Kuthiwa bahamba noMosimane yize bazi ukuthi kuzoba nzima ukumthola kwazise usebenza kahle kwi-Al Ahly. Yize kunjalo bathi ukumcela bazizwele kuyena abakuboni njengephutha.

Irekhodi likaMosimane liyazikhulumela futhi useke wasebenza kwiBafana njengephini waphinde wazibambela mathupha.

Okugqamayo ngalaba baqeqeshi okuvela amagama abo ukuthi bonke abakaze bakufihle ukuthi bangasabela uma bengabizwa kwiBafana.

Muva nje, AmaZulu aphumele obala akucacisa ukuthi ngeke amdedele uMcCarthy yize ngosuku olulandelyo yena lo mqeqeshi ucashunwe ephephandabeni laphesheya kwezilwandle enaba ngezifiso zakhe zokuqeqesha iBafana.

UKomphela naye useke wasebenza kwiSafa kodwa uTinkler (okunguyena obonwa abaningi engangena khaxa kulo msebenzi) akakaze asebenze kwiSafa.

UTinkler unomlando wokuhlabana kungabhekwe lutho kuyena kanti nase-Afrika uhambe ibanga elide ne-Orlando Pirates.

Nakuba kucaca ukuthi iSafa ifuna umqeqeshi wakuleli kodwa alokhu evele njalo amagama oHugo Broos waseColombia, Hevre Renard waseFrance kanjalo noCarlos Queiroz wasePortugal.

Le nhlangano imemezele muva nje ukuthi imelwe ukuba isibashilo abaqeqeshi abathathu ababanga lesi sikhundla ungakapheli u-Ephreli.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.