Ezinhle kwiSharks ingena ngonyawo oluhle onyakeni omusha

Mthokozisi Mncuseni
UNYAKA omusha ufike nenjabulo kwiCell C Sharks kwazise izibekisele indawo kwamane asele kwiCarling Currie

UWerner Kok weSharks ngesikhathi eshaya i-try yokuqala

Cup.

Yize bekumnandi eThekwini, umuzwa ubuhluke kakhulu eBloemfontein lapho kuqhamuka khona iqembu okuyilona ebelivikela isicoco iToyota Cheetahs.
Lokhu kudalwe iphenahti engene ngomzuzu wokugcina obukhahlelela ngaphandle iCheetahs emaqenjini amane azodudulana kweyandulela eyamanqamu.
IDHL Western Province iyona le eqede ngephupho leCheethas ngephenathi ekhale phakathi ngomzuzu wokugcina.
Izidlele amahlanga iSharks kwiTafel Lager Griquas okuyiyona bonke abazitamuzela kuyona. Kube u 47-19 eThekwini lapho iSharks ikhombise khona zisuka ngakho kodwa ukuthi izimisele ngokubalwa emajenjini amane azodlala kweyandulela owamanqamu.
Imidlalo emithathu ebidle ngokushuba edlalwe ngoMgqibelo kushaywe ama-try angu-20. ISharks iyona eshaye ama-try amaningi kulo 20 kodwa umdlalo wokuqala wosuku iwona obushubile.
IXerox Lions inqobe umdlalo wayo wesihlanu kulandelana kwiCurrie Cup lapho ishaye khona iPhakisa Pumas ngo 33-25.
Njengoba umdlalo owahlehliswa phakathi kweLions neVodacom Bulls ungoLwesithathu eLoftus Versveld, bese kuba umzuliswano owowdwa wokuvala, amaqembu amane azobanga indawo kweyamanqamu aseyaziwa.
Osekusele ukuthi kubonakale abazoyidlalela emakhaya le midlalo eyandulela owamanqamu. IBulls iqhwakele ngamaphuzu angu-35 kulandele iProvince nayo ena-35 kodwa isele ngezibalo zamaphuzu emidlalweni (points diffrence). Indawo yesithathu neyesine kuneLions neSharks ababambene ngamaphuzu angu-33.
Kweyokusonga iSharks izovakashela iProvince eKapa bese iCheetahs ivale ngeGriquas ekuhambeni. Le midlalo ingoJanuwari 9.