HALALA!: Seyimuke naso isicoco iSundowns ebukise ngeSuperSport kowomkhaya

URivaldo Coetzee noThamsanqa Gabuza
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Yinto obekuvele ilindelekile ukuthi izokwenzeka kodwa iMamelodi Sundowns ivele yayenza ngendlela ehlukile ibhekene neqembu elingeke lithathwe kancane kwiDStv Premiership.

AmaBrazilians angompetha besizini ka-2020/2021 yePremiership kulandela ukubhudluza omakhelwane iSuperSport United ngo 3-1 emdallweni weligi, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ebusuku.

Ukuwina kweSundowns kwenza iqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukuwina isicoco seligi amahlandla amane kulandelana. Okwenza iSundowns ihluke kulokhu ukuthi iwina iligi nje isasalelwe yimidlalo emithathu ukuthi isonge isizini.

Njengamanje inamaphuzu angu-60 kanti alikho iqembu elisazofinyelela kula maphuzu kulawa ayilandelayo. Amaqembu abefuna ukukhombisana ukuthi umdlalo womkhaya waseTshwane njengoba kungekho ebelifuna ukuhlala emuva.

ISuperSport ike yafika kwavalwa amehlo emapalini eDowns, emizuzwini yokuqala, kanjalo neqembu lasekhaya. Ngomzuzu wesishiyagalombili izinto zijikile kuMatsatsantsa a Pitori ngesikhathi uGuily Manziba ethola ikhadi elibomvu. Udlalise kabi uSiphelele Mkhulise kungenasidingo maphakathi nenkundla, wangacucuza uVictor Gomes wamnika elibomvu esalithinte kambalwa ibhola.

Ukuphuma kukaManziba kuphoqe ukuthi uKaitano Tembo enze ushintsho ngomzuzu ka-18, wafaka uGamphani Lungu endaweni kaSipho Mbule. NeSundowns imkhiphile uMkhulise obesengasakwazi ukuqhubeka nomdlalo, yafaka uLebohang Maboe endaweni yakhe. UMaboe ungene nezinhlanhla kwiSundowns njengoba eshaye igoli ngomzuzu ka-32.

Bese kuyigoli lakhe lesibili kule sizini. Kuthe kusabhekwe lokho uKermit Eramus washaya igoli lesibili leSundowns, kwacaca ukuthi isihambe naso isicoco. Izinto zivele zabheda kakhulu kuMatsatsantsa a Pitori ngesikhathi uThemba Zwane eshaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-44, yavele yaphenduka izimpuphu iSuperSport kungakashintshi nomdlalo.

Ngesiwombe sesibili iSundowns ibuye isafuna amanye amagoli. Ngomzuzu ka-54 amaBrazilians athole iphenathi ethathwe uZwane kodwa wayibeka ezandleni zikaRonwen Williams, wayichitha kalula. Igoli lokubika ekhaya leSuperSport lize noTeboho Mokoena ngomzuzu ka-87.

Impempe.com iyayihalalisela iSundowns nabaqeqeshi bayo uRulani Mokwena, Manqoba Mngqithi noSteve Komphela. Minwana Phezulu!

Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *