HHAYI LA KITHI: OweSuperSport uthi ayizame kwabanye ezovuka ngabo iSundowns

URonwen Williams
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akungabazeki ukuthi iMamelodi Sundowns seyifuna ukuphakamisa indebe yeDStv Premiership ngemuva kokuphoxeka kwiCAF Champions League lapho iwashiswe khona ijezi yi-Al Ahly ngempelasonto.

Iphupho leSundowns lokuqhubekela phambili kwiChampions League liphele ngoMgqibelo ngesikhakhathi ibambamba nezikaPitso Mosimane ngo 1-1 emlenzeni wesibili. Umlenze wokuqala wawinwa yi-Al Ahly ngo 2-0 e-Egypt.

Nokho ukaputeni weSuperSport United, uRonwen William uthi ngeke bayivumele iSundowns iphakakamise indebe ngokushaya bona, kungcono ibheke elinye iqembu. La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weligi eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

“Kuhlale kungumdlalo omnandi uma sibhekene neSundowns. Siyakujabulela ukudlala nabo njengezimbangi zethu. Baphuma kwimiphumela engemihle emidlalweni emibili edlule kodwa kuzobe kungumdlalo ohlukile lona.

“Bazofuna ukuqeda ngesicoco seligi kodwa asifuni ukuvumela lokho. Asifuni benze lokho bedlala nathi ngoba nathi sinezinhloso zethu nokuthi sifuna ukuqeda kuphi. Siyazi ukuthi kumele senzeni nokuthi siyazi sibashaya kanjani, sesike sakwenza phambilini.

“Kuzoba umdlalo omuhle, nozakwethu bawubheke ngabomvu,” kusho uWilliams. Lo nozinti uke wangadlala emidlalweni edlule ngenxa yokulimala futhi uthe uyakujabulela ukuthi usebuyile. Maningi amathuba okuthi adlale kule midlalo emithathu yokusonga isizini.

“Besingathanda ukuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle ngoba sithole umphumela omuhle emdlalweni esigcine ngawo. Nokho ukuhlala singadlali kusinike ithuba lokulungisa lapho singenzi kahle khona.

“Kwesinye isikhathi kumnandi ukuziqeqesha nje ungajahe lutho, uzinike isikhathi. Uma sinemidlalo elandelana eduze asisitholi kahle isikhathi sokuzicija ngokwanele,” kusho uWilliams.

“Sisebenzise ikhefu lamasonto amabili ukulungisa izinto ezithile nokuhlela ukuthi singaqeda kanjani ngegiya eliphezulu. Ngiyajabula ukuthi sengibuyile, bengiphoxekile ngokungadlali amasonto ambalwa.

“Nokho lokhu kunginike isikhathi sokukhumbula ukuba senkundleni futhi. Ukudlala imidlalo ilandelana kwesinye isikhathi kwenza ukhohlwe ukubaluleka komdlalo. Bese ngikukhumbula ukudlala kade ngingekho, ngakho ngiyajabula ukuthi ngibuyile. Ngizosiza iqembu ukuthi liqede ngomdlandla kule midlalo emithathu esele ukuthi siphethe isizini,” kuphetha uWilliams.
Email: editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.