I-Aisha Buhari Cup iyithuba elihle lokuzizwa amandla kwiBanyana

I-Aisha Buhari Cup yithuba elihle lokuzizwa amandla kwiBanyana
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis uqoke iqembu labesifazane ebangu-25 azogadla ngalo emqhudelwaneni i-Aisha Buhari Cup ezoba seLagos eNigeria kusukela ngomhla ka-12 kuya ku-21 kuSepthemba.

Leli qembu lizohlangana eSAFA Technical Centre ngeSonto, ngomhla ka-5 Septhemba lapho bezothola khona isonto lokuqeqeshwa ngaphambi kokuya eNigeria

IBanyana Banyana, okuyigama leli qembu lesizwe labesifazane elaziwa ngalo, igcine ukuhlangana ngoJuni lapho bekuhlelwe ukuthi iye eNertherands.

Bekuhlelwe ukuthi iyozwana amandla neqembu lakho nnjengengxenye yamalungiselelo eCAF Womens’ Africa Cup of Nations.

Kodwa ke lezi zinhlelo kwadingeka zilaxazwe ngenxa yokudlanga kokubhebhetheka kweCovid-19.

UDesiree ukholelwa ekutheni i-Aisha Buhari Cup ibaluleke kakhulu njengoba izoqhatha amaqembu  aseqophelweni oluphezulu e-Africa.

Ukholwa nawukuthi iqembu elisezingeni eliphezulu lizomnika inselelo ayidingayo.

“Kube yishwa ukuthi umdlalo neNetherlands wamiswa ngenxa yeCovid-19,” kusho uDesiree.

“Besiwudinga lowa mdlalo ikakhulukazi ngemuva kwemidlalo yobungane neZambia neBotswana ngo-Ephreli.”

“I-Aisha Buhari Cup ibaluleke kakhulu njengoba manje isivumela ukuthi siphinde sidlale ibhola lomhlaba.

“Besihlale sicela iSafa neSasol ukuthi basitholele amaqembu aseqophelweni eliphezulu futhi sijabule kakhulu ngalo mqhudelwano ozayo.

“Siyazi ukuthi iNigeria beyinayo imidlalo neMorocco esanda kudlala neMali emidlalweni emibini yesihle.

“ICameroon inomqeqeshi omusha olungiselela iqembu labo kanti umqeqeshi engisondelene naye kakhulu uMercy ulungiselela iGhana lo mqhudelwano,” ubeke kanje uDesiree.

Lo mqeqeshi weBanyana wengeze ngokuthi i-Aisha Buhari Cup bekuyindlela yokuzilungiselela ukudlala imidlalo yokuhlungela i-AWCON.

FUNDA NALA: Umdlali weSundowns Ladies uthi banalo icebo lukudlula kwiQueens 

“Kufana ne-AWCON encane uqobo. Kuyithuba lokuzihlola thina ngemuva kokuphuthelwa yibhola eliningi ezinyangeni eziyi-18 ezedlule kuleli nakwamanye amazwe.

“Kuyithuba lokubheka abanye abadlali abaphesheya kwezilwandle esingakaze sibabone ngenxa yemithetho yeCovid-19 nemithetho yokuhlukaniswa kwabantu emazweni abadlala kuwo njengamanje.”

IBanyana ikuGroup B la ihlangene khona neGhana neCameroon. Yiqoqo elingelula neze leli.

Selilonke iqembu leBanyana eliqokiwe lime kanje:

Onozinti: Kaylin Swart, Regril Ngobeni

Abasemuva: Lebohang Ramaleepe, Janine Van Wyk, Tisetso Makhubele, Bambanani Mbane, Bongeka Gamede, Koketse Tlailane

Abasesiswini: Ntombifikile Ndlovu, Ongeziwe Ndlangisa, Oratile Mokwena, Mamello Makhabane, Nomvula Kgoele, Thembi Kgatlana, Refiloe Jane, Linda Motlhalo, Robyn Moodaly, Noxolo Cesane, Gabriela Salgado

Abagadli: Lelona Daweti, Sibulele Holweni, Melinda Kgadiete, Hilda Magaia, Faya Mandisa, Nthabiseng Majiya

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.