I-Al Ahly imkhomba eza ngayo uPercy Tau

UPercy Tau we-Al Ahly
Sihle Ndlovu

Amaqembu acathamela uPercy Tau asengaqala ukukhuluma naye njengoba esefakwe ohleni lwabachithwayo kwi-Al Ahly yase-Egypt.

Ngokombiko we-btolat lo mdlali weBafana Bafana nalowo owayewumdlali weMamelodi Sundowns, uLuis Misquissone, basohlini lwalabo abangasadingeki ngesizini ezayo. Abanye abachithwayo u-Ali Lofti Mostafa Shobier, Mahmoud Wahid, uMohamed Mahmoud noMahmoud Metway.

UTau ubengekho eqenjini muva nje ngenxa yokulimala kodwa vele bese kungabazeka ngokuhlala kwakhe kwi-Al Ahly kulandela ukuhamba kukaPitso Mosimane. Lo mdlali wakuleli udlale imidlalo engu-28 kwi-Al Ahly washaya amagoli ayisishiyagalombili wase wakha ayisithupha.

UTau ubengakaze adlale ngaphansi komqeqeshi omusha we-Al Ahly uRicardo Soares, okuvele ukuthi uzimisele nokho ukumnika ithuba lokudlala imidlalo embalwa ngaphambi kokuthi athathe isinqumo ngaye.

ENingizimu Afrika kuke kwabikwa kaningi ukuthi i-Orlando Pirates izama ukusayinisa uTau obekulokhu kuvela ukuthi angase ahambe kuleli qembu lase-Egytp ngemuva kokuhlukana kwalo noMosimane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.