I-Al Ahly izitubekele ayiselona iqembu elinzima, kusho oweSundowns

I-Al Ahly izitubekele ayiselona iqembu elinzima, kusho oweSundowns
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ayikho into abangazincoma ngayo ngokuthi bashaye i-Al Ahly ngoba beyivele izitubekele nje.

Uthi leli qembu eliphekwa uPitso Mosimane elingompetha abavikela iCaf Champions League alisafani nakudala njengoba likhathele kwazise selidlale imidlalo eminingi kakhulu kule sizini.

“Ngeke mina ngithi uma ngibuka le miphumela esiyithole kwi-Al Ahly bese ngigiya ngiqephuza. Iqiniso wukuthi seyidlale imidlalo eminingi ngakho ayiyona imiqemane njengamanye amaqembu, izitubekele,” kusho uMngqithi.

“Uma siba neqiniso nje, cishe sebedlale imidlalo esondela ku-60 kule sizini kanti lokho kubenza bengabi bukhali ngale ndlela esibazi beyiyo.

“Kodwa basaba yingozi uma bekuthole kahle. Badlala umdlalo onzima nePyramids phakathi neviki ngaphambi kokuza kuleli bezodlala nathi.

“Beza kithi bengaphelele kahle ngoba umdlali wabo wasemuva kwesokudla nabanye bengekho futhi bengaphumulile ngendlela efanele. Yingakho bebengekho ezingeni esibazi bekulo.

“Yize ngingakuthanda ukuthi ngithi ngisebenzile ukuze siwine lowa mdlalo, angifuni ukuthi sicabange ukuthi besidlala neqembu eliqinile.

FUNDA NALA: UMantengu usophe ukuvala uBonokoane umlomo ngokumgqimuza

Njengoba yawina iSundowns yazibeka ethubeni elihle lokudlulela emzuliswaneni womkhumulajezi kulo mqhudelwano.

UMngqithi uthi kusekhona amaqembu anzima abaya kuwo uma bedlula kulesi sigaba samaqoqo.

“Uma ngibheka iRaja Casablanca, iWydad Athletic ne-Esperance; yilawo ke amaqembu aqinile kulo nyaka. IZamalek yona seyivele iyasala la esigabeni samaqoqo.

“Lokho kukhomba ukuthi kunamaqembu anzima ngampela la ngaphandle manje. Ngakho akumele ke sibe sesigiya kakhulu (ngokushaya i-Al Ahly) bese sicabanga ukuthi sesiyizinkunzi.

“Kumele sibe neqiniso sithi abadlali basebenzile bebhekene naleli qembu futhi basibeke ethubeni elihle lokudlulela esigabeni esilandelayo.

“Lokho sekusinika ithuba lokuthi sigxile ngokuphelele kwiDStv Premiership nakwiNedbank Cup ngaphambi kokuqala kwesigaba esilandelayo.

“Khona kuyinto enhle kakhulu futhi esinyusela ukuzethemba ukuthi sishaye i-Al Ahly kodwa impi enkulu ile ephambili ezayo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.