I-Arrows ibhulise iSuperSport amazolo iyikhipha kwiMTN8

Arrows
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ikhombise ukuba sesimweni esihle kakhulu iGolden Arrows iwashiya iSuperSport United ijezi kwiMTN8 ngoMgqibelo ntambama.

Yize igcine iwine sekukhahlelwa amaphenathi, kodwa indlela edlale ngayo kulo mdlalo obusePrincess Magogo Stadium ikhombise ukuthi ingase iqhubeke la igcine khona ngesizini edlule.

Phela i-Arrows imangaze abaningi ngesizini edlule igila izimanga kwiligi yaze yagcina iphelele endaweni yesine okokuqala emlandweni wayo.

Bekunovadlwana ukuthi ngeke ikwazi ukuqhubeka nomgqigqo wayo kulandela ukuhamba kukaMandla Ncikazi obengumqeqeshi wayo.

Nokho ibisabambe sona isitayela ebiyidla ngaso amadoda ngesizini edlule yize sekuwuLehlohonolo Seema osebhentshini.

Esiwombeni sokuqala bezithengana futhi siyihlanganisa kahle iminyakazo eya phambili. Ubungaze ukhohlwe wukuthi wumdlalo wazo wokuqala wesizini.

Nokho kuze kwayiwa ekhefini ingekho efuna ukwehlela ngezansi njengoba bezihubhana udede nje. Nokho amathuba abekhona kodwa awangasetshenziswa.

Kusheshe kwacaca nokho esiwombeni sesibili ukuthi kukhona ezogoba uphondo ngesikhathi i-Arrows ithola iphenathi kusaphele imizuzu emithathu siqalile isiwombe.

Kube nguTeboho Mokoena owenze iphutha ephuthaza uNduduzo Sibiya engaphakathi ebhokisini, unompempe akangangabaza walikhomba emlotheni.

Kube sekuphakama uKnox Mutizwa wayibeka enetheni. Nokho ucishe waba nebhadi njengoba uRonwen Williams ubelibonile ukuthi lingaphi kodwa lamshiya.

FUNDA NALA: Kugiye umnikazi ihhashi lakhe lidlisa abebhekiwe izintuli kwiDundee July

ISuperSport beyilokhu izama ukubuya yaze yagcina ilitholile elokulinganisa ngomzuzu ka-78. Kube ngumnyakazo omuhle oqalwe nguSipho Mbule noMokoena esiswini.

Bagudle nalo ibhola laze layongena ebhokisini la uMokoena alibeke phambi kukaGamphani Lungu olishaye ngobuchule lakhala enethini.

Leli goli bazamile ukulilamanisa kodwa umdlalo wagcina uphele zibambene ngo 1-1 kwaphoqa ukuthi kuyiwe esikhathini esengeziwe.

Emzuzwini wesishiyagalombili esiwombeni sokuqala sesikhathi esengeziwe, u-Iqraam Rainers ubeke Amatsatsantsa a Pitori phambili ngelihle igoli.

Kuthe sekubukeka sengathi iSuperSport iyawina, i-Arrows yalithola nayo elokulinganisa sekusele umzuzu owodwa uphele umdlalo.

UMichael Gumede ube nenhlanhla ibhola ebeligotshwe ngakwesokunxe kade kuyi-free kick lazishayisa emlenzeni wakhe qede lakhalakathela enethini.

Lokhu kuchaze ukuthi indaba isiyodelwa phansi kwepali njengoba umdlalo uphele kungu 2-2. Yilapho ke i-Arrows efike yadlula khona ngo 4-3.

UMlungwana uvimbe iphenathi kaMokoena kwathi uRainers yena wayiqumba phezu kwepali. Kwi-Arrows nguSiboniso Conco kuphela oyigejile njengoba ivinjwe nguWilliams eyakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.