I-Arrows iqinise indawo kwi-log yeDStv Premiership yize ingawinanga

UVelemseni Ndwandwe, Pule Mmodi noNkosinathi Sibisi beGolden Arrows

SIHLE NDLOVU

ILamontville Golden Arrows ivale igebe kwiMamelodi Sundowns yaphinde yaqinisa indawo endaweni yesibili kwi-log, ngemuva kokubambana neCape Town City ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo.

Ukudlala ngokulingana kwe-Arrows kwenze yaba namaphuzu angu-36, kanti iSundowns inamaphuzu angu-39 esicongweni. Nokho amaBrazilians asalele emuva ngemidlalo emine, kanti iqembu elingemuva kwe-Arrows, iSuperSport United, liphambili ngomdlalo owodwa. I-Orlando Pirates esendaweni yesine inamaphuzu afanayo neSuperSport (angu-35) kodwa isemuva ngomdlalo owodwa kuMatsatsantsa a Pitori.

Emdlalweni obhekwe ngabomvu iPirates izobhekana nezimbangi zayo ezindala iKaizer Chiefs, eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto ntambama. Lo mdlalo ungase ucacise okuningi emaqenjini azama ukusukela iSundowns, kanti ngakolunye uhlangothi iChiefs izama ukungena kwiTop 8.

ICape Town City isheshe yazikhombisa ukuthi ayizele ukuzodlala eThekwini ngendlela ewuqale ngayo lo mdlalo. Ibihlasela zisuka nje nokufake ingcindezi kwi-Arrows. Lokho kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu wesine ngesikhathi u-Abduli AJagun eshaya igoli leCitizines.

Umdlalo uphinde waqhubeka njengoba ubuqalile, kuhlasela iCity. Nokho Abafana Bes’thende bazamile ukubambelela baze bazama ukubuyela emdlalweni. Ngomzuzu ka-13 i-Arrows izibuyisile emdlalweni ngesikhathi uVelemseni Ndwandwe eshaya igoli lokulinganisa. Womabili amaqembu alitholile ithuba lokushaya igoli lokuhamba phambili kodwa umdlalo waya ekhefini kungu 1-1.

Ngesiwombe sesibili i-Arrows izamile ukubhukula kwazise ibidlalela ekhaya. Nokho neCity ayizibekanga phansi njengoba beyikhombisa ukuthi ifuna ukubuyela ekhaya namaphuzu aphelele. Nokho kucacile ukuthi alikho iqembu ebese lifuna ukudedela elinye ukuthi lishaye igoli.

Umdlalo uphela ngo 1-1 nokuyinto okumele ukuthi uyijabulele umqeqeshi we-Arrows, uMandla Ncikazi, yize iqembu lingawinanga.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *