I-Arrows seyiphinde yakhendla ababili kuThongathi

I-Arrows seyiphinde yakhendla ababili kuThongathi
USaziso Magawana

ESIZIZWA NGANDLEBENYE

ZIBHALWE: Yigenge yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

ILamontville Golden Arrows seyiqinise isikwati sayo ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha, ngabadlali ababili ebalande kuThongathi FC.

Leli qembu elidlala kwiGladAfrica Championship kubukeka sengathi yilapho bevuna khona Abafana Bes’thende. Ngesizini edlule i-Arrows isayinise uPule Mmodi obegijima kwiCane Cutters, kanti kulokhu sebelande uNtsikelelo Nxadi noSaziso Magawana.

UNxadi uyisitobha okuvela ukuthi besifunwa AmaZulu kodwa kuyavela ukuthi i-Arrows ibadle izithende omakhelwane yamsayinisa lo mdlali. ISwallows kuthiwa ike yazama ukuhogela okuthile ngoNxadi emizameni yayo yokuthi ivale isikhala sikaNjabulo Ngcobo obheke kwiKaizer Chiefs.

FUNDA NALA: IChiefs izothwala uthayela kunomoya kwi-Al Ahly

UNxadi ube nesizini enhle kakhulu wakhombisa izimpawu zokukhula. Uyena sizathu Uthongathi lungazange luzwele kakhulu kakhulu ngokuhamba kukaNgcobo. ISwallows ibibuza ngaye kodwa i-Arrows isheshe yacacisa ngaye yamsayinisa kanjalo noMagawana,” kusho umthombo.

UMagawana umdlali oneminyaka engu-22 odlala esiswini, kanti i-Arrows beyingeke imzibe ngokuzwa kwabasondelene nalo mdlali. Lo mdali wasesiswini uke waba nasesikalini seKaizer Chiefs okuvela ukuthi ike yasikaza ukumsayina, nokho seyisindwe zinyawo njengoba esesemabhukwini Abafana Be’sthende.

“Umuntu wabo obabhekela abadlali ubelandela Uthongathi ukuyobuka uNxadi kodwa noMagawana wabahlaba umxhwele, wase ephakanyiswa ethimbeni labo labaqeqeshi elingananazanga lathi akasayiniswe,” kubeka umthombo.

Uphinde waveza ukuthi i-Arrows kungenzeka ayiqaqedi ukukhendla kuThongathi njengoba kukhona omunye umdlali okuthiwa naye angase alandwe. Nokho igama lakhe alikatholakali okwamanje, kodwa sizophanda size silithole.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.