I-Arrows ishiphe kudliwa eNaturena ibhuquzisa iChiefs

I-Arrows ishiphe kudliwa eNaturena ibhuquzisa iChiefs
OkaDonga Gumbi

Njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi imidlalo Kaizer Chiefs engayidlalanga ngoDisemba ibuyela enkundleni, bekulindeleke ingabe isawalahla amaphuzu.

Nokho inikele ngawo wonke kwiGolden Arrows ngoMgqibelo kusihlwa ihlulwa ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership isekhaya eFNB Stadium.

Kuvele kwacaca umdlao usanda kuqala ukuthi kuzoba wusuku olunzima kwiChiefs njengoba negoli le-Arrows lisheshe langena nje.

Bekungumzuzu wesihlanu ngesikhathi u-Erick Mathoho ubethi uzama ukuphasela unozinti wakhe uBruce Bvuma, kodwa ibhola lakhe lavele lawela phambi kukaKnox Mutizwa.

Lo mgadli ube esephakamisa ikhanda wabona ukuthi uBvuma ubesephumile epalini lakhe, wabe eselikha eleqisa laye layokhalakathela enethini.

Emzuzwini owodwa ukusa lapho, neChiefs beyingalithola igoli ngesikhathi uKhama Billiat ephuma ebhekana nonozinti we-Arrows.

Nokho uNkosingiphile Gumede ukwazile ukusheshe aphume afike kuqala ebholeni, walibamba.

Abafana Bes’thende bathole elihle ithuba lokushaya igoli lesibili kodwa uPule Mmodi wangashesha ukukhahlela kwaze kwafika isitobha samphazamisa.

Yize iChiefs bekuyiyo ephethe ibhoal futhi ibuya iphindelela ngasohlangothini lwe-Arrows, kodwa bekuyi-Arrows ebibukeka iyingozi uma iya phambili.

Futhi nje bekumele kuyiwe ekhefini seyishaye okungenani amagoli amathathu njengoba bebezidlulela kalula odongeni lwasemuva lweChiefs.

Amakhosi nawo acishe alithola igoli ngomzuzu ka-30 uKeagan DOlly ekhahlela kade ibekwe phansi kodwa ibhola lakhe laceza kancane phezu kwepali.

NoPhathutshedzo Nange ubethi uyaqeda ngoGumede ngomzuzu ka-39 ekhahela engaphakathi ebhokisini kodwa lo nozinti wenqaba. 

NoNduduzo Sibiya umoshe elihle ithuba sekusele kancane kuyiwe ekhefini ezithola eyedwa nebhola lisonyaweni, kodwa watatazela wakhahlela into ebheke eceleni.

FUNDA NALA: ISundowns isingenile emzuliswaneni womkhululajezi kwiChampions League

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili uStuart Baxter ukhiphe uMathoho obenosuku olumbi, indawo yakhe yathathwa uThabani Dube.

Ukhiphe noNange, okukholakala ukuthi ubesethintekile, indawo yakhe yena ithathwe uSiyabonga Ngezana.

Ube esesusa uNjabulo Blom emuva wamnyusela esiswini la abesedlala khona nobizo wakhe uNjabulo Ngcobo.

Yize iqhubekile nokucindezela iChiefs, kodwa beyihluleka ukutholana kahle uma seyisondela epalini le-Arrows.

Womabili amaqembu awatholile amathuba abengawasebenzisa ukushaya amagoli kulesi siwombe kodwa akwangenzeka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.