I-Arrows ivimbe iBucs ekuvaleni igebe kwiDowns

IPirates ne-Arrows badavuze bagcina becazelana amaphuzu
Sihle Ndlovu

ILamontville Golden Arrows iphazamise i-Orlando Pirates ekuvaleni igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns esicongweni selogi.

Emdlalweni weDStv Premiership ogcine uphele ngo 0-0 e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu, bekungawina noma yiliphi iqembu kodwa langavuma nhlobo igoli.

Womabaili amaqembu abengaya ekhefini eselishayile igoli kodwa angawasebenzisa ngendlela amathuba awatholile. Nokho ithuba elihle kakhulu lehlele i-Arrows ngesikhathi uNduduzo Sibiya eshaya enhle ifree kick ngomzuzu ka-41, yafike yashaya ipali seyimdlile uSiyabonga Mpontshane.

Okuhlalukile ukuthi isicathulo esivela kuBafana Bes’thende besisha impela. Lokhu kucaciswe ukuthi uPule Mmodi nokaputeni uNKosinathi Sibisi bathole amakhadi aphuzi umdlalo usephansi.

Bobabili laba badlali ngeke babe khona emdlalweni olandelayo we-Arrows ngoba bese bethola amakhadi abo esine. Nomqeqeshi uLehlohonolo Seema ugcine ethole elakhe ikhadi eliphuzu ngokuphikisana nonompempe uJelly Chavani.

Ngomzuzu ka-72 uMandla Ncikazi, ocuja iBucs, ubezitshela ukuthi sebelitholile igoli kodwa ibhola likaKabelo Dlamini lachithwa uNkosingiphile Gumede kwaba yikhona.

UGumede uphinde wavimba ibhola elibi likaZakhele Lepasa ngomzuzu ka-75, kucaca ukuthi iBucs seyifika iphindelela. Lo nozinti ugcine eqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.

IPirates bese kungokweshumi idlala ngokulingana emidlalweni yeligi kule sizini. Isashaywe bathathu kuphela kodwa amaphuzu amaningi iwalahle ngokudlala ngokulingana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.