I-Arrows izophoqeleka ukweseka iPirates koweDStv Premiership

Sihle Ndlovu

ILamontville Golden Arrows izozithola yeseka i-Orlando Pirates uma isitholana phezulu neSuperSport United emdlalweni wokugcina weDStv Premiership ngoMeyi 30.

Abafana Bes’thende bazibeke ethubeni lokupulukutshela kwiTop 8 ngemuva kokushaya AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni wePremiership, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesibili ntambama.

Nokho leli qembu laseThekwini lihlezi ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili kwilogi yePremiership. I-Arrows inamaphuzu angu-40 kanti iSuperSport inamaphuzu angu-37 endaweni yesishiyagalolunye.

Uma ingawina iSuperSport seyibhekene neBucs, izoyigudluza i-Arrows endaweni yesishiyagalombili ngenxa yomehluko wamagoli.

UVusumuzi “Kanu” Vilakazi, obambe njengomqeqeshi kwi-Arrows, uthe akukho abangakwenza ngalo mdlalo wokugcina.

“Besifuna ukwenza okuqondene nathi. Ukuwina lo mdlalo (waMaZulu) yikona obekukade kubaluleke kakhulu kithina,” kusho uVilakazi.

“Ngeke sikwazi ukulawula umphumela womdlalo wePirates neSuperSport. Uma sinenhlanhla iSuperSport ishaywa kuzoba yinto enhle leyo.

“Kodwa njengoba ngisho nje awukho umbandela wokuthi nakanjani kumele siqede kwiTop 8. Kodwa singakujabulela ukuba kwiTop 8.”

Mayelana nomsebenzi wokuqeqesha ukuthi awunikwe ngokuphelele, uVilakazi uthe lokho kusezandleni zikasihlalo uMato Madlala.

“Kusezandleni zeqembu ukuthi lithathe izinqumo. Okokuqala nje akuthina esathi kusihlalo akasinike ithuba, uyena owazinqumela,” kusho uVilakazi.

“Igazi lami noMabhudi (Khenyeza) linokuluhlaza nokusagolide. Noma kungathiwa usihlalo angathi asihambe siyowasha amathoyilethi ehhovisi singahamba siyokwenza lokho.

“Bekungeve kuwuthi besifuna ngabomvu ukubamba izikhundla zokuqeqesha kodwa siyabonga kusihlalo ukuthi asethembe ngeqembu elikhulu kangaka.”

Uma i-Arrows igcina ingenile kwiTop izoba yiqembu lesithathu laKwaZulu-Natal. AmaZulu neRoyal AM bavele sebezibekisele indawo kwiMTN 8 okuvulwa ngayo isizini entsha.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.