I-Arrows izozama ukugqiba ihlazo lokushaywa yiDowns

UVusumuzi "Kanu" Vilakazi
Sihle Ndlovu

ILamontville Golden Arrows izobuyela enkundleni okokuqala selokhu ihlazwe yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 emdlalweni weDStv Premiership odlule.

Abafana Bes’thende bazobhekana neSekhukhune United emdlalweni wePremiership, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

I-Arrows izoya kulo mdlalo kuhleli uVusumuzi “Kanu” Vilakazi noMabhuti Khenyeza ebhentshini, kulandela ukukhonjwa indlela kukaLehlohonolo Seema. Ukubhambabulwa yiDowns ngo 6-0 kubukeka kuyikona okuxoshise uSeema.

UVilakazi uthe bazozama ukuzibamba ziqine bathole amaphuzu aphelele kulo mdlalo.

“Siyazi ukuthi ngeke kube umdlalo olula ngoba womabili amaqembu abelokhu ekuthola kunzima ukuthola amaphuzu amathathu emidlalweni embalwa edlule,” kusho uVilakazi.

“Besilokhu siwuhlelela ngendlela lo mdlalo nomqeqeshi uMabhuti Khenyeza. Besigxile kakhulu ekuvaleni emuva. Sivela ekushayweni okunzima lapho sidedele amagoli ayisithupha sibhekene neSundowns.

“Lokhu kuyasikhathaza kakhulu ngoba ukuze uwine umdlalo kumele uqine emuva. Besilokhu sisebenza nabadlali bethu basemuva kuleli sonto, sisiza abadlali ukuthi babe sesimeni esikahle somqondo.”

Akungabazeki ukuthi ukushaywa kanje kwe-Arrows kubaphazamise kakhulu abadlali. Kuzocaca ukuthi bazozama kanjani ukuvuka bazithathe uma sebebhekene neSekhukhune.

“Sizama ukukufaka kubadlali ukuthi kubaluleke kanjani ukuthi iqembu liqede endaweni ehloniphekile ekupheleni kwesizini. Sijabule ngendlela abenza ngayo, babukeka bekulambele ukuthola ithuba lokudlala,” kusho uVilakazi.

“Sidlala neqembu elisebenza kanzima. Sizozama ukusebenzisa ubuthaka babo njenge-Arrows ukuze sigcine sijabulile ekupheleni kosuku.

“Besibuka amavidiyo abo ukuze sazi ukuthi sizobe sibhekene neqembu elinjani. Sizozama ukuthola amaphuzu amathathu, kubaleke kakhulu ngoba sizobe sidlalela ekhaya.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.